Menzi Magubane
I-Orlando Pirates idinga ukunqoba umdlalo owodwa nje ukuthi idlulele kuma-quarter-final e-CAF Confederation Cup.
NgeSonto amaBhakabhaka anenebule i-Al Ahli Benghazi yase-Libya ngo 3-0 e-Orlando Stadium banyukela phezulu ku-Group A ngamaphuzu ayisishiyagalombili ngemuva kwemidlalo emine.
Umdlalo wabo olandelayo uzoba enkundleni efanayo neqembu elisezansi kwe-log, i-ES Setif.
NgoNdasa iPirates neSetif badlala ngokulingana ngaphandle kwamagoli.
NgeSonto u-Group A uvuleke kakhulu ngesikhathi iSetif inqoba ngo 3-0 iqembu elisendaweni yesibili i-Enyimba yase-Nigeria.
Ukunqoba kwenze abase-Algeria badlala ngokulingana ne-Al Ahli bobabili babanamaphuzu amane kanti abase-Nigeria bona banamaphuzu ayisithupha.
Umshayi wamagoli wamaBhakabhaka, uTshegofatso Mabaso uthe baphoxeke kancane ngesonto eledlule ngesikhathi bedlala ngokulingana ne-Al Ahli e-Libya.
“Kodwa ngiyajabula ukuthi sikwazile ukukulungisa lokho ngokuwina lapha ekhaya,” kusho uMabaso.
“Ukudlalela iPirates kubaluleke kakhulu kimi. Noma nini uma ngithola ithuba lokudlala ngihlala ngiqinisekisa ukuthi ngidlalela ibheji futhi ngizama nokusiza iqembu ukuthi liphinde libe okukhulu kakhulu.”
Le mpumelelo izoyinyusa kakhulu iPirates ngaphambi komdlalo wayo we-Nedbank Cup ne-Mamelodi Sundowns ngoLwesine.
Umdlalo obhekwe ngabomvu uzoba se-Loftus Stadium, e-Tshwane ngehora le-6 ntambama.
Iqembu elizonqoba lizokwamukela iTshakhuma Tsha Madzivhandila emdlalweni owandulela owamanqamu wesibili ngeSonto.
Isithombe: @TshegofatsoMabaso