Kwesinye isikhathi ukwehlulwa kuyadingeka – kusho uGuardiola

Timmy T Maranda

UPep Guardiola uchaze ukuhlulwa okwethusayo kweManchester City ngesikhathi ibhekene neLeeds United njengokuvuka emaqandeni.

“Kwesinye isikhathi ukwehlulwa kuyadingeka ukuze siqonde ukuthi yini le esiyenze kabi njengeqembu,” kusho umphathi uGuardiola etshela iManchester City ku-Twitter ngemuva kokwehlulwa kweqembu lakhe ngo-2-1 yiLeeds United esanda kukhushulwa e-Etihad Stadium.

UGuardiola uthe: “Sibanikeze igoli lokuqala nangemva kokudala amathuba acacile, azikwazanga ukudlala ngokucacile. Bakufanele banqobe.”

“Ngiyazethemba izinsizwa zeqembu lami.”

Yize bese beshoda ngomdlali oyedwa kwabayi-10 kulandela ukukhishwa kukakaputeni uLiam Cooper, ezikaMarcelo Bielsa zikwazile ukuyibamba iCity.

UStuart Dallas ushaye amagoli amabili, okuholele ekuhlulweni kwesine kweCity kule sizini. ILeeds ibambe iCity ngokulingana ngo-1-1 emdlalweni wangoMfumfu.

Abafana bakaGuardiola badinga amaphuzu ayi-11 emidlalweni eyisithupha esele yeligi ukuze bathweswe isicoco okwesithathu kumasizini amane.

UGuardiola wenze izinguquko eziyisikhombisa eqenjini elishaye iBorussia Dortmund kowe-Champions League maphakathi nesonto.

“Angizisoli ngokukhethwa kweqembu ngoba ngiyabethemba. Uma ngingabethembi, bebengeke badlale.”

ICity njengamanje isibhekise amabombo e-Germany emdlalweni womlenze wesibili wama-quarter final e-Champions League neBorussia Dortmund e-Westfalenstadion. Umdlalo uzoqala ngehora le-9 ebusuku.

Isithombe: @ManCity

Izihloko zakamuva