Menzi Magubane
Ngabe iBayern Munich ingabuyela esimeni sayo futhi idlulele kowandulela owamanqamu e-UEFA Champions League?
Impendulo yalo mbuzo izodalulwa ngoLwesibili e-Parc des Princes, e-Paris ngehora le-9 ebusuku.
Ompetha be-UEFA, iBayern Munich izovakashela inhlokodolobha yase-France lapho izobhekana khona neParis Saint-Germain emdlalweni wokubuya kowamanqamu walo mqhudelwano.
Ompetha baseJalimani bazobe benethemba lokuthi bazoguqula amaphuzu ka-3-2 emlenzeni wokuqala.
IBayern idinga ukushaya iPSG ngo-2-0 ukuze idlulele kowandulela owamanqamu – kodwa iPSG ayisinisi mahleza.
Ukaputeni weBayern, uManuel Neuer uthe badinga ukuhlala bezothile kodwa babe nomlilo ezinhliziyweni zabo.
“Sifuna ukudlala umdlalo ngendlela efanele ngokhuthazo nangomoya omuhle,” esho.
Uthe badinga ukuzinza uma bebhekene nabadlali abashesha kangaka, uNeuer etshela i-Bundesliga.com.
“Kuzodingeka nokuthi siqhubeke nokudlala ibhola lethu elihlaselayo sibacindezele. Banenkinga emuva.”
Kunemibiko yokuthi umqeqeshi uHansi Flick ufunwa yi-German Football Association njengomqeqeshi wabo olandelayo weqembu lesizwe.
Njengamanje umqeqeshi uJoachim Low kulindeleke ukuthi ashiye lesi sikhundla ngemuva kweminyaka eyi-15 ephethe.
“Ngicabanga ukuthi uHansi Flick ungumqeqeshi ofanele iqembu lethu,” kusho uNeuer.
“Ubonile ukuthi siphumelele kangakanani. Sizojabula uma kuqhubeka kanjena.”
Khonamanjalo e-London, iChelsea kulindeleke ukuthi iqedele lo msebenzi uma isiyamukela iFC Porto e-Stamford Bridge ngehora le-9 ebusuku.
Ngesonto eledlule amaBlues anqobe ngo 2-0 e-Portugal.
Isithombe: @MiaSanMia