Ezemidlalo

Imidlalo yama-Olimpiki iyaqhubeka

Kule mpelasonto kuqala umbukiso omkhulu wemidlalo yama-Olimpiki e-Tokyo.

UMPETHA!!!

Umnikazi werekhodi lomhlaba. Umuntu othole indondo yegolide. Umpetha.

Umbhukudi waseNingizimu Afrika ophumelele kakhulu ushiya ama-Olimpiki engaphethe lutho

Indoda ewumbhukudi ophumelele kakhulu eNingizimu Afrika, uChad le Clos wehlulekile ukungena emqhudelwaneni we-100m we-butterfly.

Iqembu le-hockey laseNingizimu Afrika liwina okokuqala ngokumangalisayo

Iqembu labesilisa le-Hockey laseNingizimu Afrika liqede kahle ngokumangalisayo ngokushaya i-Germany ngo 4-3 empumelelweni yabo yokuqala emidlalweni yase-Tokyo.

Umqondisi wabagibela bamabhayisikili waseJalimane ukhishwe kuma-Olimpiki ngemuva kwesehlakalo sokucwasa ngokobuhlanga

UPatrick Moster, umqondisi wezemidlalo we-German Cycling Federation uxoshwe kuma-Olimpiki ngemuva kokuzwakala etshela umgibeli uNikia Arndt ukuthi: “Thola abagibeli bamakameli! Thola abagibeli bamakameli! Woza!"

Ithimba lase-Australia lisinda ekusabeni i-Covid amahora amabili

Angama-55 amalungu eqembu lase-Australia lama-Olimpiki abuyele esimeni sawo esijwayelekile ngemuva kokubekwa kumvalelo wamahora amabili.

UChad le Clos uthola indawo yesihlanu emqudelwaneni we-butterfly

UChad le Clos odumele uvumile ukuthi indawo yakhe yesihlanu emdlalweni wamadoda wokugcina we-200m butterfly ngoLwesithathu imlimazile.

USimone Biles uphuma emidlalweni yase-Tokyo ngenxa yezingqinamba zezempilo zengqondo

USimone Biles, umpetha wamanje wama-Olimpiki wabesifazane we-gymnastics, uphume kowamanqamu walo nyaka ukugxila empilweni yakhe yengqondo.

UTatjana Schoenmaker noKaylene Corbett baphakamisela phezulu ifulegi laseNingizimu Afrika kuma-Olimpiki

UTatjana Schoenmaker waseNingizimu Afrika wephule irekhodi lakhe lesibili kuma-Olimpiki ngokunqoba i-200m breaststroke futhi waphenduka intandokazi yama-Olimpiki.

Umdlali wase-Costa Rica uhloniphe i-Black Lives Matter

ULuciana Alvarado usebenzise igebe emthethweni wokubhikisha we-International Olympic Committee (IOC) ukuhlonipha i-Black Lives Matter.

Recent articles