Dylan Bettencourt
Iqembu labesilisa le-Hockey laseNingizimu Afrika liqede kahle ngokumangalisayo ngokushaya i-Germany ngo 4-3 empumelelweni yabo yokuqala emidlalweni yase-Tokyo.
Iqembu libe nezikhathi ezinzima emidlalweni, lidlala namanye amaqembu ahamba phambili emhlabeni ngokuhlulwa yi-Great Britain, i-Netherlands ne-Belgium. Kodwa ukunqoba kwabo bebhekene neqembu elikunombolo yesihlanu emhlabeni i-German ngokuqinisekile kuzokhuphula imizwa eqenjini.
La maqembu womabili abekade ebambene ngo-3-3 ukuya kwikota yokugcina ngemuva kwamagoli kaKeenan Horne, uNicholas Spooner noMatthew Guise-Brown nokunqoba kweza ngesikhathi uMustapha Cassiem eshaya igoli ngomzuzu wama-48.
Kube yimizuzu embalwa ebinengcindezi kodwa abaseNingizimu Afrika bazibambile ngokushaya labo abanqobe izindondo zethusi kuma-Olympic ase-Rio ngowezi-2016.
Iqembu labadlali besilisa be-Hockey linomdlalo owodwa nje osele ku-Pool B, umdlalo wabo ne-Canada ngoLwesihlanu ohlelelwe ukuba ngo-5:15 ekuseni.
Ukunqoba ngeke kwanele ukubona iNingizimu Afrika idlulela emzuliswaneni olandelayo kodwa bazoshiya i-Tokyo bebhekise amakhanda abo phezulu ngemuva kokuhlala kwabo e-Japan.
Umthombo wesithombe: @SA_Hockey