UChad le Clos uthola indawo yesihlanu emqudelwaneni we-butterfly

Dylan Bettencourt

UChad le Clos odumele uvumile ukuthi indawo yakhe yesihlanu emdlalweni wamadoda wokugcina we-200m butterfly ngoLwesithathu imlimazile.

Lokhu kwenzeka yize umbhukudi efika kulo mcimbi njengomuntu ongaphansi kodwa wanqoba umdlalo wakhe ukuya kowandulela owamanqamu.

Ubebukeka enokuzethemba ngokulwela indawo kwi-podium kowamanqamu kodwa bekungafanele.

ULe Clos, oseke wama kwi-podium kaningi emsebenzini wakhe oncomekayo, ubebukeka eqinile ekuqaleni futhi ehola ngisho naku-100m.

“Bengizizwa ngiphilile impela futhi bengicabanga ukuthi ngizonqoba. Kubi impela ngoba ngithinte ibanga elingu-150m ngathola ithuba, kodwa ngithe ngibuya, imilenze yami yavele yama ukusebenza,” esho.

Uthe ukube unqobile ubezothatha umhlalaphansi ku-200m butterfly kodwa manje usefuna ukuzibonakalisa kulo mdlalo kuma-Commonwealth Games angonyaka ozayo.

Intandokazi kulo mjaho, uKristof Milak wase-Hungary usebenzise amandla ukuze anqobe futhi wephule irekhodi likaMichael Phelps. UMilak usethe isikhathi esingu-1: 51.25.

Ule Clos manje uzogxila emqudelwaneni we-butterfly we-100m obekelwe uLwesine ngo-12: 56 ntambama.

Umthombo wesithombe: @ TeamSA2020

Izihloko zakamuva