Dylan Bettencourt
Indoda ewumbhukudi ophumelele kakhulu eNingizimu Afrika, uChad le Clos wehlulekile ukungena emqhudelwaneni we-100m we-butterfly.
Lo mbhukudi oneminyaka engama-29 ubengekho ezingeni lakhe emidlalweni yalo nyaka. Wenze kahle kakhulu kuma-semi final e-200m butterfly kodwa waqeda endaweni yesihlanu kowamanqamu.
ULe Clos ubebonakala sengathi uzokwazi ukungena kuma-semi final e-100m butterfly kodwa isikhathi sakhe besingasheshi ngokwanele.
Owake wathole indondo yegolide uthe udumele.
“Kunzima. Angazi ukuthi kwenzekeni. Angazi ukuthi ngithini. Angikwazi ukubeka izaba. Ngilahlekelwe ngaphandle kwezinqinamba kubo bonke abanye abantu. Kuyacoba,” esho.
Ufunge wagomela ukuthi uzobuya kuma-Olimpiki angowezi-2024 ukuzowina indondo yegolide.
Okunye ukudumala kubabhukudi besilisa bakuleli njengoba uMat Sates ehlulekile ukungena kowandulela owamanqamu we-200m butterfly ngemuva kokuqeda endaweni yesihlanu emdlalweni wakhe. Lo mbhukudi oneminyaka eyi-18 ubudala ukhonjwe indlela yokuthi athathe le ngubo kuLe Clos wabe esedlala ngomdlandla kodwa wehluleka ukwenza umthelela ngesikhathi somdlalo wakhe.
USates uthe: “Ngibeka umzimba wami kulayini we-200m medley ngakho sengikhathele manje. Ngijabule kakhulu ngama-Olimpiki ami okuqala. Ngiyethemba ukuthi awesibili azohluka kancane. Ngiyethemba ngizoba ngcono ngaleso sikhathi futhi ngiphokophelele ukuthola izindondo.”
Abantu baseNingizimu Afrika manje sebezobhekisa amathemba abo kubabhukudi besifazane uTatjana Schoenmaker noKaylene Corbett abancintisana kowamanqamu we-200m breaststroke ekuseni ngovivi lwangoLwesihlanu.
Umthombo wesithombe: @ Newzroom405