Dylan Bettencourt
Kule mpelasonto kuqala umbukiso omkhulu wemidlalo yama-Olimpiki e-Tokyo.
Kuzoqala abadlulele ku-100m wabesifazane kulandele i-high jump yabesilisa. Imijikelezo yokuvula yabesifazane ka-800m, kanye no-5,000m, yonke izodlalwa kulo Lwesihlanu.
Umjaho ka-10,000m wabesilisa uzophetha usuku, okuzobe kungumncintiswano oshisayo wokuthola indawo phambili. Bazobe beyi-10 abasubathi base-Afrika abazoncintisana emcimbini osuphethwe izwekazi lethu.
NgoMgqibelo, kowamanqamu we-100m wabesifazane kuzobe kulwelwa indondo yegolide.
Nomjaho ka-100m wabesilisa nawo uzoqhubeka, njengoba u-Akani Simbine waseNingizimu Afrika ezoba encintisana kuwo. Usanda kwephula irekhodi lase-Afrika kanti uzobe enethemba lokuthi uzophinde anqobe.
Umdlalo wamanqamu ka-100m wabesilisa uzoba ngo-2: 50 ntambama ngeSonto – kulokho okulindelwe ukuthi kube ngumcimbi omkhulu ozobukelwa umhlaba wonke.
Kuzoba nemidlalo eminingi eyandulela kowamanqamu emidlalweni yabasubathi, okubandakanya u-800m wabesilisa, u-400m men hurdles kanye no-100m women hurdles.
Abalandeli bazozikhethela ukuthi imidlalo yama-Olimpiki bayibuka kuphi, njengoba yonke imidlalo izosakazwa bukhoma eziteshini eziyisishiyagalombili ze-DStv ezenzelwe imidlalo yase-Tokyo yangowezi-2020. I-Showmax Pro nayo isakaza konke okwenziwayo kuma-Olimpiki.
Imidlalo elandelayo kule mpelasonto:
Uchungechunge lwemidlalo yebhola lombhoxo phakathi kwe-British & Irish Lions namaBhokobhoko luzoqhubeka kule mpelasonto ngemuva kokuthi abadlali bakaWarren Gatland benqobe emdlalweni wangoMgqibelo odlule. Ompetha bendebe yomhlaba amaBhokobhoko, nokho, bazobe befuna ukuzihlenga e-DHL Stadium eKapa. Umdlalo wesibili kwemithathu yokuhlolwa uzoqala ngo-18: 00 ntambama, kusiteshi se-DSTv 201.
Umjaho we-Formula One uyabuya kule mpelasonto nge-Hungary Grand Prix, lapho uLewis Hamilton noMax Verstappen beqhubeka nempi yabo yokufuna ukuba ngumpetha womhlaba. Emjahweni wokugcina, bobabili babandakanyeke engozini enkulu edale ingxabano phakathi kwala maqembu womabili.
Njengoba lo Mpetha woMhlaba ophindwe kasikhombisa uLewis Hamilton enamaphuzu ayisishiyagalombili kuphela ngemuva kukaMax Verstappen, impi yendawo yokuqala kulindeleke ukuthi ilwelwe kakhulu. UVerstappen uzimisele ngokuwina isicoco sakhe sokuqala. Umshayeli waseBrithani uhlose ukuvikela isicoco sakhe ahlale esinqoba emidlalweni ye-Formula One esesiybonile eminyakeni edlule. Umjaho uqala ngehora le-3 ntambama ngeSonto ku-DSTv channel 215.
Umthombo wesithombe: @InsideTheGames