UTatjana Schoenmaker noKaylene Corbett baphakamisela phezulu ifulegi laseNingizimu Afrika kuma-Olimpiki

Dylan Bettencourt

UTatjana Schoenmaker waseNingizimu Afrika wephule irekhodi lakhe lesibili kuma-Olimpiki ngokunqoba i-200m breaststroke futhi  waphenduka intandokazi yama-Olimpiki.

USchoenmaker uphuthelwe yirekhodi lomhlaba ngo-0.05 kuphela njengoba ethole isikhathi esingu-2: 19.16 – isikhathi esimbeka phambili kakhulu kunenkundla yonke yemidlalo eyandulela eyamanqamu ehlelelwe u-4:54 ekuseni ngoLwesine.

Kokunye ukunqoba kweNingizimu Afrika, uKaylene Corbett unqobe i-200m breaststroke ukuze afinyelele kuma-semi final angoLwesine njengowesine oshesha kakhulu.

Lo mdlali oneminyaka engama-24 manje usephenduke intandokazi engawina indondo yegolide kowamanqamu we-200m breaststroke. USchoenmaker uwine indondo yesiliva emqhudelwaneni ka-100m breaststroke ukuze anqobe indondo yokuqala yeNingizimu Afrika yale midlalo futhi ngokusebenza kwalaba babhukudi bobabili, isibalo sezindondo zaseNingizimu Afrika kungenzeka sikhuphuke.

Amehlo onke azobe ethe njo kowandulela owamanqamu njengoba uSchoenmaker noCorbett bebheke ukudlulela kowamanqamu bewine izindondo.

Lethani izindondo ekhaya zintokazi. Isizwe sibhekile!

Umthombo wesithombe: @ TeamSA2020

Izihloko zakamuva