Ezepolitiki

UHlaudi Motsoeneng uthi uzoba umengameli olandelayo waseMzansi

UHlaudi Motsoeneng utshele i-Scrolla.Africa ukuthi nguyena kuphela umuntu okufanele abe nguMengameli wakuleli.

I-IEC seyiqinisekisile ukuthi ubuso bukaZuma buzoba emaphepheni okuvota

Iqembu uMkhonto Wesizwe (MK) selishintshile lachibiyela ubuholi balo ukuze liveze uMengameli Jacob Zuma njengomholi walo.

URamaphosa uvikela isinqumo se-IEC ngoZuma

UMengameli Cyril Ramaphosa uthi isinqumo se-IEC sokuvumela uJacob Zuma ukuba avele emaphepheni okuvota okhethweni lwangoMhlaka-29 kuNhlaba ‘siwukucacisa umthetho’.

URamaphosa uzokwamukela iNkosi uMswati kuleli

UMengameli uCyril Ramaphosa uzokwamukela iNkosi uMswati III ukuze aqinise ubudlelwano phakathi kwaseMzansi nombuso waseSwazini.

I-IFP izosebenzisa ivoti njengendlela yokubhikisha ngomhlaka-29 kuNhlaba

UMengameli we-IFP, uVelenkosini Hlabisa usenxuse amalungu eqembu ukuthi aphume ngobuningi ayovotela ukukhipha uhulumeni we-ANC ophethe.

Kudumale abalandeli uZuma engafiki engqungqutheleni yeqembu

Abalandeli boMkhonto Wesizwe (MK) base-Eastern Cape basale bekhexe imilomo ngesikhathi uMengameli weqembu uJacob Zuma ehluleka ukufeza isithembiso ngoMgqibelo.

Kwakungesiyo inhloso yami ukukhulula uZuma: Ramaphosa

UMengameli uCyril Ramaphosa uzichithile izinsolo zokuthi wamkhulula ngamabomu uJacob Zuma ejele ngaphambi kokuba aqede isigwebo sakhe sezinyanga ezingu-15.

‘Ukungathembeki’ kweDA kumosha izinhlelo zamaqembu aphikisayo amelene ne-ANC’

Kunokungaboni ngaso linye phakathi kwe-DA ne-ActionSA, okuyiqembu lezepolitiki lesithupha ngobukhulu ezweni.

URamaphosa unxenxa ivoti lomphakathi wamaSulumane

'Njenge-ANC engiyiholayo, umyalezo wethu kinina namuhla uthi izwe lenu liyanidinga. Izwe lakini libheke nina. Hlanganyelani nathi ekwakheni kabusha elakuleli.'

I-ANC iphinde yathatha izintambo Ekurhuleni

Imeya entsha uNkosidiphile Xhakaza uthe i-ANC izosebenzisana namanye amaqembu ukuhlenga lo masipala.

Recent articles