UHlaudi Motsoeneng uthi uzoba umengameli olandelayo waseMzansi

Lubhalwe nguDoreen Mokgolo

Emkhankasweni wakhe wezepolitiki obheke okhethweni lukazwelonke lwangomhlaka-29 kuNhlaba, uMengameli we-African Content Movement (ACM) uHlaudi Motsoeneng umemezele ukuthi nguyena yedwa umuntu ongenza umsebenzi kuleli.

“Abekho abaholi kuleli. Bazanywa bonke futhi bahlolwa futhi imiphumela ikhona ukuze wonke umuntu ayibone. Lelizwe lisenkingeni yokuwa,” kusho uMotsoeneng.

“Abanawo amasu amasha okukhulisa umnotho noma ukuthuthukisa izinsiza. Ingqalasizinda yethu iwile ngenxa yokungalungiswa kahle kanti irekhodi lami kwa-SABC liyazikhulumela.”

UMotsoeneng (56) ubeyisikhulu esiphezulu esibambile kule nhlangano kusukela ngo-2011 kuya ku-2013 kodwa wasuswa esikhundleni sakhe ngemuva kokutholakala ukuthi waqamba amanga ngeziqu zakhe.

Embikweni wakhe ngeKhomishini yokuLawulwa koMbuso, iNhloko yamaJaji uRaymond Zondo uphawule “ukusebenzisa kabi amandla” kukaMotsoeneng kwa-SABC.

Engxoxweni yakhe ne-Scrolla.Africa uMotsoeneng uthe njengoMengameli uzodinga iminyaka emithathu kuphela ukulungisa zonke izinkinga ezibhekene nezwe wathi uma ehluleka uzophuma esikhundleni.

“Amakhansela amele iqembu lami kumasipala wendawo iMaluti-A-Phofung ayazi ukuthi uma engenzi kahle ngizowakhipha esikhundleni. Sengike ngakhipha esikhundleni amakhansela okuqala ayingasebenzeli imiphakathi yawo,” esho.

“Yonke imisebenzi izokwenziwa ubusuku nemini. Ngeke sibe khona isikhathi sokulala. Ukuthuthukisa umnotho wakuleli kudinga abesilisa nabesifazane abasebenza kanzima.”

UMotsoeneng ohlose ukuba uNdunankulu wase-Free State uma engabanga uMengameli, uthe abasebenzi bakahulumeni bazohola kahle uma esengena emandleni ukuqinisekisa ukuthi abakhungathekiswa izikweletu zabo.

“Umsebenzi ongajabule uzocekela phansi inqubekelaphambili kokuthile okwenzeka kuhulumeni,” kuqhuba yena.

UMotsoeneng udalule ukuthi ukhuluma nowayenguMengameli wezwe uJacob Zuma “nsuku zonke” kodwa akafuni iseluleko sezepolitiki kuye ngoba yena “uhlakaniphe ngokwemvelo”.

I-ACM ingenele ukhetho kuzwelonke nasesifundazweni iFree State kuphela ngenxa yezinkinga zezimali.

Yize i-ACM ibambisene ne-ANC eMaluti-A-Phofung, inamakhansela amabili, uMotsoeneng uthe akakholelwa kumfelandawonye futhi ngeke abambisane namanye amaqembu epolitiki.

“Imifelandawonye ayisebenzi futhi ayisoze yasebenza kuleli. Abavoti kumele baphume ngobuningi babo bayovotela iqembu elilodwa abakholwa ukuthi lizohlenga lelizwe ekubhidlikeni,” usho kanje.

Iqembu ngeke lethule usomqulu wokhetho njengoba uMotsoeneng engakholelwa ekudayiseni imibono kodwa ekuletheni izinsiza.

NgoLwezi uMotsoeneng watshela i-TechCentral ukuthi akakwamukeli ukuchithwa kweNkantolo eNkulu yokuDluliswa kwamaCala kanye nezindleko zesicelo sakhe sokudlulisa isinqumo senkantolo ephakeme saphambilini sokuthi ukukhokhelwa kwakhe u-R11.5-million i-SABC “kwakungekho emthethweni”.

Uthe abameli bakhe baye enkantolo yokudluliswa kwamacala eyasamukela isicelo sakhe sokuthi “kubuyekezwe” ngoba ijaji lenkantolo enkulu “lalinephutha emthethweni nasemaqinisweni”.

Esithombeni esingenhla: UHlaudi Motsoeneng we-African Content Movement.

Umthombo wesithombe: Facebook

Izihloko zakamuva