I-IEC seyiqinisekisile ukuthi ubuso bukaZuma buzoba emaphepheni okuvota

Lubhalwe nguZukile Majova

IKhonishana yoKhetho eziMele (IEC) ikuqinisekisile ukuthi uMnuz Jacob Zuma usengumholi ngokusemthethweni weqembu uMkhonto Wesizwe (MK) futhi ubuso bakhe buzoba semaphepheni okuvota okhethweni lwangomhla-29 kuNhlaba.

I-IEC ithe umholi we-MK obesohlwini nguJabulani Khumalo owabhalisa iqembu ku-IEC ngonyaka odlule, kodwa abaholi beMK basanda kushintsha amaphepha abo.

UMnuz Jacob Zuma ongumholi weqembu futhi oyihlubuka le-ANC, nguyena ozongenela ukhetho lokuba nguMengameli.

I-IEC ikusho lokhu yize ike yaya eNkantolo yoMthethosisekelo ukuze idlulise isinqumo seNkantolo yoKhetho sokugunyaza uZuma ukuba angenele ukhetho yize eke wenza ubugebengu.

UMasego Sheburi, iPhini le-CEO ye-IEC kwezokhetho, uthe: “Ngemuva kwesinqumo seNkantolo yoKhetho sibuyisele uMnuz Zuma esikhundleni, kodwa sesiye e-Apex Court (iNkantolo yoMthethosisekelo).”

Uthe ngokomgomo we-IEC, isithombe esisephepheni lokuvota kumele kube esomholi weqembu njengoba ebhalisiwe emarekhodini ekhomishini.

“Iqembu loMkhonto Wesizwe selishintshile lachibiyela ubuholi balo ukuze liveze uMengameli Jacob Zuma njengomholi walo,” kusho uSheburi.

“Ngalokhu isithombe sakhe sizovela ecelen kweqembu iMK, iqembu elisephepheni lokuvota.”

Phambilini uZuma uthe uzohlala eyilungu le-ANC kodwa uzosiza nje umkhankaso weMK futhi ayivotele.

I-IEC iphinde yaqinisekisa ukuthi ubuso bomholi we-IFP uMnuz Velenkosini Hlabisa buzovela ephepheni lokuvota hhayi ubuso bomsunguli weqembu ongasekho uMntwana uMangosuthu Buthelezi.

Khonamanjalo, i-IEC imema abavoti abazobe bengekho eduze neziteshi zabo zokuvota ngomhlaka-29 kuNhlaba ukuba bafake izicelo zokuvunyelwa ukuvota ngomhlaka-27 kuNhlaba ngosuku oluyisipesheli lokuvota.

Lokhu kuhlanganisa abantu abagulayo, abalele embhedeni noma abazobe bengekho ezifundeni zabo zokuvota ngenxa yezibopho zomsebenzi.

Izinkulungwane zabasebenzi be-IEC, amaphoyisa, amasosha, izintatheli, abasebenzi bezempilo kanye nabanye abasebenzi bezimo eziphuthumayo bangakwazi ukuvota ngosuku olukhethekile.

Okungenani amaqembu angu-52 azoba sohlwini lokuvota kuzwelonke kanti amaqembu angu-70 azongenela ukhetho ezihlalweni ezingu-887 ezitholakala kwizishayamthetho zikazwelonke nezezifundazwe.

Isithombe esingenhla: Isithangami sabezindaba se-IEC.

Umthombo wesithombe: X

Izihloko zakamuva