Luhlanganiswe nguMbhali we-Staff
Abalandeli boMkhonto Wesizwe (MK) base-Eastern Cape basale bekhexe imilomo ngesikhathi uMengameli weqembu uJacob Zuma ehluleka ukufeza isithembiso ngoMgqibelo.
UZuma bekufanele akhulume nabalandeli bakhe embuthanweni wokhetho weqembu obusenkundleni yezemidlalo i-NU2 elokishini lase-Motherwell e-Gqeberha ngoMgqibelo, kodwa ukhethe ukuya emngcwabeni kamngani wakhe omkhulu elingadalulwanga igama lakhe e-Dikeni.
Abalandeli be-MK abahambe besuka ezingxenyeni ezahlukene zesifundazwe baphoxekile ngezindaba zokuthi izinto ezibalulekile kuZuma sezishintshile.
Abalandeli baleli qembu abebefuna ukubona uZuma besuka ezindaweni ezikude eBizana – okuwuhambo lwamahora ayisishiyagalolunye bezolalela lowo owayenguMengameli wezwe ekhuluma embuthanweni obusenkundleni yezemidlalo i-NU2 e-Motherwell, kubika i-The Herald.
Okhulumela i-MK kuzwelonke uNhlamulo Ndhlela ukuqinisekisile ukuthi uZuma kumele aye emngcwabeni kamngani wakhe omkhulu oshonile e-Dikeni.
“Lokhu kuphambanise izinhlelo zenhlangano ngoba ukuya e-Dikeni kuyihora nesigamu ukusuka lapho ayekhona, okuyi-East London kanti ukuthi eze ngale ndlela kube nomthelela.
“Kudingeke ukuthi ayokhokha umoya. Kodwa lokhu akuqali ukwenzeka.
“UMengameli akakwazanga ukuya engqungqutheleni e-Limpopo ngoba bekumele aye emngcwabeni,” kusho uNdhlela etshela i-The Herald.
Lo mcimbi, ngokubika kwephephandaba i-Herald, ugubuzelwe ifu lokudideka njengoba abalandeli abebesuka kude bebebuza ukuthi ukudla kuphi nokuthi amatekisi abo azokhokhelwa ubani.
Umlandeli obesuka KwaBhaca uthe baphume ngo-9 ebusuku
ngoLwesihlanu bengadlanga.
“Sekudlule ihora lesibili ntambama angikalitholi ngisho i-apula.
“Ngeke baphinde bangibone,” ekhuluma ngaleli qembu.
Esithombeni esingenhla: Idlanzana labalandeli boMkhonto Wesizwe abebehambele umhlangano wokhetho weqembu obuse-Motherwell NU2 Stadium ngoMgqibelo.
Umthombo Wesithombe: Nomazima Nkosi/The Herald
