Kwakungesiyo inhloso yami ukukhulula uZuma: Ramaphosa

Lubhalwe nguZukile Majova
Umhleli Wezepolitiki

UMengameli uCyril Ramaphosa uzichithile izinsolo zokuthi wamkhulula ngamabomu uJacob Zuma ejele ngaphambi kokuba aqede isigwebo sakhe sezinyanga ezingu-15.

Uhulumeni we-ANC usolwa ngokudedela uZuma ukuze amsize ekukhankaseleni ukhetho lwangomhlaka-29 kuNhlaba.

Ezikhathini eziningi leli qembu selicele uZuma ukuthi alisize ekuholeni umkhankaso walo esifundazweni saKwaZulu-Natal esigcwele izinxushunxushu.

Kodwa uMsholozi wala wagcina esejoyina iqembu loMkhonto WeSizwe eselivele labanamandla esifundazweni.

Ngesikhathi i-ANC ikhankasela “abantu ngabantu” e-Cosmo City eGoli, uRamaphosa uthe uZuma uhlomule nje ngokukhululwa okuhloswe ngakho ukunciphisa ukuminyana emajele.

“Ngesikhathi ngithatha lesi sinqumo, sasingaqondile ngqo lowo owayenguMengameli wezwe uMnuz Jacob Zuma, kwakuyisinqumo esibanzi esathinta abanye abantu abaningi ababedinga ukuxolelwa.

“Ngakho angizisoli ngaleso sinqumo futhi okwenzeka ngodaba lwe-IEC yilokho okwenzeka kwezombusazwe, ezindabeni zokubusa kombuso futhi siyazixazulula njengoba siqhubeka,” kusho uRamaphosa.

Ngo-2021, iNkantolo yoMthethosisekelo yagweba uZuma izinyanga ezingu-15 ngokudelela inkantolo ngemuva kokuba anqabe ukuqhubeka nokwethula ubufakazi phambi kweKhomishini kaZondo.

UZuma wadedelwa ngoshwele wokugula ngemuva kokudonsa isikhathi esingaphansi kwezinyanga ezimbili zesigwebo sakhe. Kodwa kwaba isinqumo sikaMengameli esakhulula uMsholozi.

Kodwa-ke, uZuma usaqhubeka nokubukela phansi uRamaphosa, okuhlanganisa nokuzama ukushushisa uRamaphosa ngasese enkantolo.

Izihloko zakamuva