I-ANC iphinde yathatha izintambo Ekurhuleni

Lubhalwe nguDoreen Mokgolo

IMeya esanda kukhethwa Ekurhuleni, uNkosidiphile Xhakaza we-ANC, usethembise ukusebenzisana namaqembu amaningi emkhandlwini ukuletha uzinzo kumasipala onezinxushunxushu.

Ukhethwe ngaphandle kokuphikiswa ohlelweni oluthathe imizuzu eyishumi nje kuphela ngoLwesine.

Ukukhethwa kukaXhakaza kulandela ukukhishwa esikhundleni kwemeya ye-African Independent Congress, uMnuz Sivuyile Ngodwana, okhishwe ngevoti lokungabethembi ubuholi bakhe ngenyanga edlule.

Enkulumeni yakhe uXhakaza uthe uzogxila ekulethweni kwezidingo kubantu njengoba sekuphethe yena. 

“Okubalulekile ukwakha isisekelo esiqinile esivezwe emkhandlwini kulolu khetho. Kufanele kudlulelwe phambili kubhekwane nezinye izinkinga ezihlanganisa nokuhlinzekwa kwezidingo kubantu,” usho kanje.

Njengengxenye yezinhlelo zakhe, uXhakaza uzobheka ukwakha ithimba elizocubungula kabanzi izindaba zomnotho wesifunda, ezezimali kanye nokusimama kwezimali.

UXhakaza, ongumgqugquzeli wethimba lesifunda le-ANC, unomlando omude ekusebenzeleni umasipala omkhulu ngezindlela ezihlukene njengo-MMC wezezimali, amanzi nokuthuthwa kwendle, kanye nezinhlelo zakamuva zezinkampani ezisebenzisanayo.

UNdunankulu wase-Gauteng uPanyaza Lesufi uthe umfelandawonye we-ANC namanye amaqembu usadinga ukunakekelwa ukuze uphumelele.

“Izingxoxo zithathe amasonto amabili; yize izingxoxo zibuye zabhidlika kodwa siphinde sahlangana ngohlelo olwamukelwe yiwo wonke amaqembu epolitiki angu-14,” usho kanje.

“Izinto manje zisezandleni zamaqembu epolitiki ukuze kuphothulwe ukusungulwa kwekomiti leMeya elizomela wonke umuntu emkhandlwini.

ULesufi uthe uXhakaza kumele ahole umkhandlu futhi angachemi nanoma yiluphi uhlangothi lukamasipala.

“Kumele sifunde emaphutheni ethu nakulawo esiwenza emkhandlwini. Siyathemba ukuthi kuzoba khona ukusimama futhi [kuphumelele konke] umasipala ukwazi ukuhlinzeka ngezidingo kubantu,” usho kanje.

Umholi wekhokhasi ye-EFF, uMnuz Nkululeko Dunga, uthe bayasichitha isiphakamiso esethulwe yi-ANC esikhathini esidlule sokuthi ithathe izintambo njengeningi futhi umkhandlu awuphikisani nokukhethwa kwemeya entsha.

“Ipolitiki ayimile … izimo esezishintshile.  Umkhandlu uwusebenzisile umqondo ngakho sinekhansela le-ANC elikhethwe njengeMeya ngaphandle kokuphikiswa. Sinethemba lokuthi kuzoba nohulumeni onomthethosisekelo futhi ozinzile,” usho kanje.

Osesithombeni ngenhla: UNkosidiphile Xhakaza.

Umthombo wesithombe: Doreen Mokgolo

Izihloko zakamuva