Lubhalwe nguDoreen Mokgolo
UMengameli we-IFP, uVelenkosini Hlabisausenxuse amalungu eqembu ukuthi aphumengobuningi ayovotela ukukhipha uhulumeni we-ANC ophethe.
“Ngomhlaka-29 kuNhlaba usuku lombhikisho – sizobe sibhikisha ebhokisini lokuvota, ushokanje.
“Ngeke kube khona izimangaliso; kuphelakudinga ukuthi usukume futhi sithi sekwanele.
“Uma sihluleka ukususa uhulumeniosehlulekile, kunzima ukucabanga ngeminyakaemihlanu ezayo.
“Ngomhlaka-29 kungase kube usukulokubhikisha, ngamandla okuvota asezandlenizawo wonke umvoti.
“Kodwa-ke, ezandleni zawo wonke umvoti, singashintsha uhulumeni esinawo sibekeuhulumeni esizoziqhenya ngaye,” kushouHlabisa.
Lolu ukhetho lokuqala leli qembuelizokhankasela kulo ukhetho ngaphandlekomholi owalisungula uMangosuthu Buthelezi owakhothama mhla ziyisishiyagalolunyekuMandulo.
UHlabisa ubekhuluma engqungqutheleniyokhetho ebisenkundleni yezemidlalo i-Germiston, eGoli ngoMgqibelo.
Ekhuluma namakhulu amalungu eqembu, uHlabisa uthe umhlaka-29 kuNhlaba umeleumhlaka-27 kuMbasa ngo-1994 lapho abantubakuleli abaphuma khona ngobuningi babo, futhi bama kolayini abade bebhikishangamandla abo evoti lokususa uhulumeniwengcindezelo.
“Sisesimweni esifanayo manje. Kufanelesiphume ngobuningi bethu siyovotela ukukhiphalo hulumeni wezigebengu, uhulumeni ophoqaukuthi siphile ngaphansi kokucishwa kukagesi.
“Siyabona ukuthi bakumise okwesikhashanaukucishwa kukagesi. Asizona izingane, siyaziukuthi leli ngelinye lamaqhinga abo okusifumbathisa okhethweni oluzayo,” ushokanje uHlabisa.
Njengengxenye yosomqulu wabo, uHlabisa utheuhlelo lwabo, uma bethatha izintambokuhulumeni, ukwenza ucwaningo lomhlabakuzo zonke izingxenye zomhlaba eziphethweuhulumeni.
“Uma sesiqedile sizohlonza abantu abafaneleukuthola izindlu bese labo bantu bathola izindlunamatayitela.
“Lokhu kuzophinde kunikeze abanikazi ithubalokuboleka imali emabhange ukuzebaqhubekisele phambili izimpilo zabo, nokuyinto ehlukile ezokwenziwa i-IFP.”
Iqembu lithembise ukususa ukucishwa kukagesingokulungiswa njalo nokuthi liphindelihlomulise abafundi abangasebenzi ngo-R3,000izinyanga ezingu-12 ukusiza ukufaka izicelozezikhala nokuhambela enhlolokhono.
Esithombeni esingenhla: uMengameli we-IFP uVelenkosini Hlabisa
Umthombo wesithombe: Doreen Mokgolo
