Trolley
Prices: PMBEJD Household Affordability Index, March 2026 · See full basket →

Izindaba Scrolla

Isimangaliso sesibili sikaRashford eParis

Ukudlala ngokuzimisela kukaMarcus Rashford ngomzuzu wokugcina kwenze i-Manchester United ukuba inqobe ngamagoli amabili kwelilodwa ngesikhathi idlala ne-Paris Saint Germain ngoLwesibili ebusuku.

‘Umprofethi’ mbumbulu ushaywe kanzima ngokudlwengula odade ababili

Umprofethi mbumbulu owadlwengula odade ababili ulwela impilo yakhe esibhedlela.

“Yathi izokhipha otokoloshe emzimbeni wami. Yase iyangidlwengula.”

Amantombazane amabili andawonye asolakala ngokudlwengulwa ngumprofethi mbumbulu akhulume nabakwa-Scrolla.Africa.

Kuboshwe uSheperd Bushiri kanye nonkosikazi wakhe

UShepherd Bushiri ozibiza ngomprofethi kanye nonkosikazi wakhe uMary baboshwe ngoKlebe – futhi.

Umiselwe ukudlalisa induku ku-Zoom umbhali odumile

Umbhali owaziwayo waseMelika ophinde abe isazi sezomthetho ojwayele ukuvela kumabonakude uye wamiswa emsebenzini ngoMsombuluko ngoba kusolakala ukuthi ubedlalisa induku ngenkathi esocingweni kwi-Zoom nabasebenza naye.

Ukugijimela ama-ruble kwibhola lombhoxo

UFrancios Esterhuizen udlala i-hooker ku-CSKA Moscow. UOliver Zono uku-flyhalf ku-Krasny Yar Krasnoyarsk. Kanti uRudi Van Rooyen udlala i-scrumhalf ku-Lokomotiv-Penza.

Owesifazane ongenazo izincwadi zokushayela uwine imoto

Usebenzise ama-R219 nje kuphela ukuthenga igilosa, wabe eseziwinela imoto entsha sha uQueen.

Umfana odlala ibhola ubhekene nokuhlukunyezwa ngokobuhlanga

Umfana ozalelwe e-Cameroon uYoussoufa Moukoko odlalela iqembu lase-Germany i-Borussia Dortmund uye wacwaswa ngokobuhlanga ngeSonto ngabalandeli beqembu lezimbangi.

UMkhize nonkosikazi wakhe bahlole batholakala bene-Covid

UNgqongqoshe wezeMpilo uDkt uZweli Mkhize kanye nonkosikazi wakhe uMay Mkhize bahlole batholakala bene-Covid-19.

Ungenelwe ngamanzi endlini owayengunozinti weBafana

Kungani loyo owayengunozinti weBafana Bafana uBrilliant Khuzwayo esolwa ngokugwaza umfundi eMangosuthu University of Technology (MUT) ngoMgqibelo?

UNgangezwe Lakhe weseka iBhayibheli lesiZulu elisanda kuhunyushwa

IBhayibheli elisha lesiZulu akuzwakali njengomqondo omuhle lokho. Kodwa-ke kubonakala sengathi amabhayibheli "asendulo" indlela abehunyushwe ngawo, ayisabasebenzeli kahle abe-Bible Society of South Africa (BSSA).

Amaphoyisa abophe abasolwa ngokubulala okwenzeke ehhotela lase-Pofadder

Ezinsukwini eziyishumi ezedlule, isixuku sezigebengu sihlasele umnikazi wehhotela e-Pofadder, e-Northern Cape, bamugwaza kaningi, bamuklinya ngeketanga lezinja baqeda bamuphonsa kwi-indoor pool.