“Yathi izokhipha otokoloshe emzimbeni wami. Yase iyangidlwengula.”

Everson Luhanga

Amantombazane amabili andawonye asolakala ngokudlwengulwa ngumprofethi mbumbulu akhulume nabakwa-Scrolla.Africa.

Intombazane eneminyaka eyi-19 okuyiyona isisulu sokuqala ithe ibimazi ‘umprofethi’ ngoba ubengumngani kamfowabo.

Uthe mhla zimbili kuMandulo, le ndoda yeza ekhaya labo izonika umfowabo othenge indlu ePitoli umuthi.

Umfowabo ubengekho ekhaya.

“Wangicela ukuba ngimlandele inhlabathi azoyixuba nomuthi ukuze ngizonikeza umfowethu uma ebuya.

“Ngihlangane naye lapho abethe angilande inhlabathi khona wabe esengicela ukuthi ngimlandele. Wangihambisa endaweni engingayazi elokishini.

“Ngenkathi ngilapho, wangitshela ukuthi ngale kokusiza umfowethu, uzongisiza nami ukususa utokoloshe emzimbeni wami obulokhu ulala nami,” uyasho.

Uthayisela ngokuthi leyo ndoda yamtshela ukuthi akhumule izimpahla ngenkathi iphahla.

“Yangidlwengula kabili ngalolo suku.

“Yathi uma ngingatshela umuntu ukuthi kwenzakaleni umuthi angeke usebenze kimi futhi ngizobona izinto ezithusayo empilweni yami. Yaqhubeka ngokungisongela ngokuthi izokhipha abanye otokoloshe abazongihlupha impilo yami yonke,” uyasho.

Uthe umprofethi mbumbulu wamudlwengula kabili futhi, emutshela ukuthi ususa utokoloshe nesinyama.

“Bengisaba ukukhuluma ngayo. Angikaze ngakhuluma namuntu. Ngaba nesibindi umangizwa udadewethu etshela udadewethu omdala ngendaba yakhe yokudlwengulwa,” uyasho.

Udadewabo oneminyaka engama-22 uthi wabika ngesenzo sale ndoda ngoba ubazi ukuthi le ndoda yenze okungafanele.

“Ngangingeke ngithule. Namanje ngisaphazamisekile ngalento eyenziwa yile ndoda kimi,” uyasho.

Izihloko zakamuva