Ezinsukwini eziyishumi ezedlule, isixuku sezigebengu sihlasele umnikazi wehhotela e-Pofadder, e-Northern Cape, bamugwaza kaningi, bamuklinya ngeketanga lezinja baqeda bamuphonsa kwi-indoor pool.
Unkosikasi kaLeon Brits uthole isidumbu sakhe kwi-pool ngo-11H45.
Kusuka lapho, ithimba labaseshi abaphezulu abaphuma kumayunithi ahlukene balandele umkhondo njengoba kade befuna ababulali. Okwamanje abalimi ababili bendawo banikezele ngemali eyi-R50,000 yomklomelo kunoma ngubani ongeza nolwazi oluzoholela ekutheni ababulali bebanjwe.
Kuleli viki ithimba elihlanganisiwe lwabaphenyi, elibandakanya i-Provincial Organised Crime, DPCI, Pofadder kanye nabaseshi be-Springbok abaholwa phambili ngu-Brigadier uDick de Waal, babophe abasolwa ababili ababandakanyeka kulobu bugebengu.
Okhulumela amaphoyisa u-Brigadier Mohale Ramatseba uthe omunye umsolwa oneminyaka engama-37 waboshwa e-Piketberg e-Western Cape kanti omunye oneminyaka engama-34 waboshwa e-Kathu esifundeni sase-John Taolo Gaetsewe.
Bobabili abasolwa balindeleke ukuvela enkantolo yemantshi yasendaweni ngoMsombuluko, ngecala lokubulala nelokuphanga.
Isithombe: ULeon Brits kanye nonkosikazi wakhe uElsa Wessels (Facebook)