Kuboshwe uSheperd Bushiri kanye nonkosikazi wakhe

UShepherd Bushiri ozibiza ngomprofethi kanye nonkosikazi wakhe uMary baboshwe ngoKlebe – futhi.

UBushiri, obesenkantolo ngoLwesihlanu olwedlule ngamacala enkohlakalo nokushushumbiswa kwemali, uzinikele koKlebe ngoLwesibili.

Ukuboshwa kukaBushiri kulandela ukuboshwa kwabalingani bakhe ababili uWillah noZethu Mudolo ngoMgqibelo.

Okhulumela oKlebe uColonel Katlego Mogale, ukuqinisekisile ukuboshwa kwabo.

Uthe, selokhu bavela eNkantolo yeMantshi yasePitoli, icala labo lahlehliselwa umhla zingama-30 kuMfumfu lapho bezofaka khona isicelo sebheyili. Okwamanje bagcinwe esitokisini.

UMary oneminyaka engama-39 ubudala, uboshwe esemzini wakhe kwathi uShepherd oneminyaka engama-37, wazinikela e-Silverton Police Station e-Tshwane ngoLwesibili ehamba nethimba labammeli.

Okhulumela uBushiri, uEphraim Nyondo uthe, oKlebe bacele lezi zithandani ukuba ziye ehhovisi lazo ngoLwesibili zihambisana nabammeli ukuyoxoxisana ngokutshalwa kwemali enkampanini ebizwa nge-Rising Estate.

Uthe, uBushiri “uyakholelwa ohlelweni lwezobulungiswa ezweni futhi uzothobela noma yini umthetho omphoqelela ukuba eyenze kuze kuphele le mpi.”