Umfana odlala ibhola ubhekene nokuhlukunyezwa ngokobuhlanga

Umfana ozalelwe e-Cameroon uYoussoufa Moukoko odlalela iqembu lase-Germany i-Borussia Dortmund uye wacwaswa ngokobuhlanga ngeSonto ngabalandeli beqembu lezimbangi.

UMoukoko, oneminyaka eyi-15, ushaye amagoli amathathu ngenkathi edlala ne-Schalke emdlalweni wabangaphansi kweminyaka eyi-19.

Bekungokwesithathu eshaya amagoli amathathu emdlalweni njengoba esevele kathathu enkundleni kule sizini.

Iphephandaba i-Kicker ibike ukuthi, abalandeli be-Schalke baphonse “izinhlamba ezimbi” ku-Moukoko ngemuva kokuthi ashaye igoli lakhe lesithathu ekude emizuzwini engama-63. 

Uthathwa njengomunye wabadlali abashisa izikhotha emdlalweni webhola emhlabeni.

I-Schalke iye yaxolisa ngemuva kwesenzo sayo sokuhlukumeza uMoukoko ngokumcwasa ngokobuhlanga.

“Imizwa ye-Derby eceleni, siyayihlaba futhi asivumelani nezinhlamba ezinjalo,” kusho i-Schalke ku-Twitter.

Ku-Twitter nge-hashtag ethi “ChaNgokucwasanangokwebala”, iqembu lithi umnyango walo ophathelene nabalandeli “uzothatha izinyathelo ezifanele”.

UMoukoko oneminyaka eyi-15 ukufanele ukungena eqenjini labadala le-Dortmund uma ehlanganisa iminyaka eyi-16.

Izihloko zakamuva