Umiselwe ukudlalisa induku ku-Zoom umbhali odumile

Umbhali owaziwayo waseMelika ophinde abe isazi sezomthetho ojwayele ukuvela kumabonakude uye wamiswa emsebenzini ngoMsombuluko ngoba kusolakala ukuthi ubedlalisa induku ngenkathi esocingweni kwi-Zoom nabasebenza naye.

UJeffery Toobin uye wamiswa emsebenzini ngumqashi wakhe wephephabhuku i-The New Yorker. Uthi akabonanga ukuthi ividiyo yakhe ibivuliwe.

UToobin ubesocingweni edingida ukhetho laseMelika nabanye ababhali abangosaziwayo.

“Ngenze iphutha eliphathisa amahloni, bengikholelwa ukuthi angikho kwikhamera. Ngiyaxolisa kunkosikazi wami, umndeni, abangani kanye nengisebenza nabo,” kusho uToobin.

UToobin oseshicilele izincwadi eziningi ezimayelana nezindaba zomthetho usanda kushicilela incwadi ngobongameli bukaDonald Trump.

I-Rolling Stone ikhiphe esihloko ngale ndaba: “Ungakhombisi induku yakho kwi-Zoom emsebenzini”.