Ukugijimela ama-ruble kwibhola lombhoxo

UFrancios Esterhuizen udlala i-hooker ku-CSKA Moscow. UOliver Zono uku-flyhalf ku-Krasny Yar Krasnoyarsk. Kanti uRudi Van Rooyen udlala i-scrumhalf ku-Lokomotiv-Penza.

Akujwayelekile ukuthi kuzwakale “i-Vrystaat” emaceleni.

Kodwa inani elingu-34 labantu baseNingizimu Afrika badlala ibhola lombhoxo e-Russia- ngaphezu kwamanye amazwe.

Kubadlali abaningi abangakwazanga ukuthola inkontileka namaqembu ase-Western Europian, i-Russia yiyona  ongaphephela kuyo – uma ungenankinga nesimo sezulu.

Kanti abaseNingizimu Afrika abangeke bekwazi ukungena kwisikwati samabhokobhoko bengagcina bedlalela i-Russia.

I-Russia ayidumile kakhulu kwezebhola lombhoxo emhlabeni, kodwa uMengameli uVladimir Putin unezifiso ezinkulu.

Usekela ibhidi nge-Russia ukuthi kube yiyona ephatha indebe yomhlaba kowezi-2027.

Lokhu kuyizaba futhi zokuwina abangani kanye nokuheha abantu. Iqembu lase-Russia lebhola lombhoxo lavakashela iNingizimu Afrika ngoMasingana kanti badlala umdlalo owandulela isizini mayelana neqembu le-KZN Natal Sharks. I-Sharks yawina ngamagoli angama-64 kwayi-14.

Okwamanje, i-Cheetahs, enye yamaqembu ahamba phambili eNingizimu Afrika livela e-Bloemfontein, licabanga ukubhalisela ukudlala kwi-Russian Club championships.

Manje kungenzeka sizwe i-Vrystaat emaceleni e-Siberia.

Isithombe: @City-Press

Izihloko zakamuva