Ungenelwe ngamanzi endlini owayengunozinti weBafana

Kungani loyo owayengunozinti weBafana Bafana uBrilliant Khuzwayo esolwa ngokugwaza umfundi eMangosuthu University of Technology (MUT) ngoMgqibelo?

Ingabe ungene kuleyo ndawo ephethe ummese?

Kahle kahle bekuyini isizathu sokuvakasha?

Lena imibuzo embalwa umshushisi afuna ukuthi iphenduleke uma uKhuzwayo evela enkantolo yemantshi yaseMlazi ngoMsombuluko.

Eminye imibuzo ngeyokuthi engabe ubedakiwe yini nokuthi engabe uyewaphonsa izinhlamba kulo mfundi esebenzisa ulimi olungafanele.

Owayengunozinti we-Kaizer Chiefs kanye nomfundi wase-MUT waboshwa ngoMgqibelo kanti bobabili bathweswe icala lokuhlasela ngenhloso yokulimaza kanzima.

NgoMgqibelo i-Twitter ngaphansi kukaKhuzwayo ibhale yathi: ” uBrilliant Khuzwayo ubemenywe ukuzokhuluma emcimbini wezemidlalo eMangosuthu University of Technology. Ngaphambi kokuthi ethule inkulumo yakhe, owesilisa, okukholakala ukuthi ungumfundi wase-MUT, uyewamgwazwa wase ephuthunyiswa esibhedlela.”

Umfundi – @Angelubanzie – othi yena uyibonile inxabano yenzeka ubhale ekhasini likaKhuzwayo le-Twitter ukuthi muntu thizeni uthele lomdlali webhola ngotshwala ngephutha.

“Loyo owenze lokhu uye wazama ukuxolisa kodwa uKhuzwayo uvele wayiphendula impi yonke leyonto.

Umuntu thizeni uye wamshaya ngebhodlela ekhanda.

“Khona kusenjalo kuleyo nxabano uKhuzwayo uye wakhipha ummese wagwaza umfundi. Umfundi ugwazwe esandleni ngoba ubezama ukuvimba ummese ukuthi ungendluleli emzimbeni.”

Isithombe: @Brilliekhuzwayo