UNgqongqoshe wezeMpilo uDkt uZweli Mkhize kanye nonkosikazi wakhe uMay Mkhize bahlole batholakala bene-Covid-19.
Esitatimendeni esikhishwe ngeSonto ebusuku, uMkhize uthe yena kanye nonkosikazi wakhe baye bahlola ngemuva kokuthi aqale ukubonakalisa izimpawu ezincane.
“Bengizizwa ngikhathele ngendlela engajwayelekile kanti kuthe ngokuhamba kosuku, ngaqala ngaphelelwa uthando lokudla.”
UMkhize uthe unkosikasi wakhe ubekhwehlela, ephathwa yisiyezi futhi ekhathala kakhulu.
“Ngokubonakala kwezimpawu, odokotela babanike iseluleko sokuthi kumele angeniswe esibhedlela ayohlolwa kubuyiswe namanzi alahleke emzimbeni.
Manje uMkhize usemgonqweni.
Abakebasondelana naye ngeviki eledlule, kubalwa namalungu omndeni kanye nabasebenza naye emnyangweni wezeMpilo, bahloliwe futhi bahlukanisiwe kwabanye abantu.
Ube esenxusa bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuba baqhubeke nokugqoka izifonyo, ukuqhelelana kanye nokuhlamba izandla.
Isithombe : @DrZweliMkhize