Trolley
Prices: PMBEJD Household Affordability Index, March 2026 · See full basket →

Izindaba Scrolla

Abathatha imfucuza balwa ne-Covid

Bangabonakala njengabantu abahudula izinqola bethatha imfucumfucu ezitaladini enihlala kuzo. Kepha manje laba besilisa nabesifazane bayasiphephisa ngokumelana ne-Covid-19.

I-Covid-19 imandla kwababhemayo

Odokotela babika ukuthi ababhemayo kungenzeka babe nezimpawu ezibucayi ze-Covid-19.

Akukho semthethweni ukushawa ngamaphoyisa

Ngemuva kokuthi uCollins Khosa kusolwe ukuthi washaywa wacishe wabulawa ngamasotsha e-SANDF, inkantolo yayala ukuthi kumele kushicilelwe imihlahlandlela yokusebenzisa amandla ngesikhathi somvalelo.

Kubulawe amadoda ayisikhombisa

Amadoda ayisikhombisa adutshulwe abulawa-esendlini eMsahweni, eningizimu yeTheku, ngoLwesithathu ebusuku.

Abafana bakhanyisa i-Alex ngomculo

Izingane zihambela izitaladi sase-Alexandra ngomvalelo zijabulisa abantu abahleli emakhonini. Abakwenzeli imali-bakwenza ngothando.

Izibalo ezintsha ze-Coronavirus zinyukile

NgeSonto iNingizimu Afrika iqophe ukwenyuka kwezibalo eziphezulu zabantu asebenegciwane le-Covid-19: izibalo eziyi-1 160 ngosuku olulodwa.

UThabane akafuni ukwehla esikhundleni

UTom Thabane, uNdunankulu waseLesotho osolwa ngokubulala, uyanqaba ukwehla esikhundleni.

Ukunqoba komndeni wakwaKhosa

Ngale kokunqoba enkantolo kulelisonto, umndeni kaCollins Khosa uthi izinhliziyo zabo zisase buhlungu ngokushona kwakhe ngenyanga edlule.

Bakhala ngesandla semfene

Imeya yase-Bitou uPeter Lobese udlala ngempilo yezingane. Ngonyaka ka-2017 waklomelisa ikilabhu yebhola ngesheke lemali engangezigidi ezingama-R50 000. Sekuphele iminyaka emithathu izingane azikaze zithole ngisho isenti. Umasipala uzinaka wona.

Ukunconzuleka kancane kancane kwase-Bitou

Ngu-Everson Luhanga Indawo yase-Bitou ijwayelekile komasipala abaningi base Ningizimu Afrika, kuhlala abacebile, eceleni kwabampofu kakhulu. Umasipala wase-Bitou usebenzisa imali eningi kakhulu kubo kunezakhamuzi zabo. Umehluko ukuthi i-Plettenberg...

Oyedwa uthelele abangama-533

Umuntu oyedwa osebenza efemini yezinhlanzi yase-Ghana uthelele abantu abangama-533 asebenza nabo nge-coronavirus.

Bekunetha imvula yemali

AmaSamariya abehamba ngezimoto zakwanokusho zikhanyise indawo yase-Alex. Kube nomcimbi emigwaqeni yase-Alex kulo mvalelo esikuwo ngeSonto ntambama ngenkathi ithimba labezimoto ezibizayo linikeza abampofu izijumbana zokudla baphinda baphonsa izinkulungwane zamarandi emoyeni.