Bekunetha imvula yemali

AmaSamariya abehamba ngezimoto zakwanokusho zikhanyise indawo yase-Alex

Everson Luhanga

Kube nomcimbi emigwaqeni yase-Alex kulo mvalelo esikuwo ngeSonto ntambama ngenkathi ithimba labezimoto ezibizayo linikeza abampofu izijumbana zokudla baphinda baphonsa izinkulungwane zamarandi emoyeni.

AmaSamariya abehamba ngezimoto zakwanokusho zikhanyise indawo yase-Alex.

Abantu base-Alex bamemeze ngenjabulo bathatha ama-video kanye nezithombe ngenkathi izimoto zakwanokusho zidlula eceleni kwabo.

Laba banikeli base-Nigeria bangamalunga e-Blackdoor Lifestyle Lounge esendaweni yabantu abaphila kahle futhi abanemali e-Sandown.

Omele ikilabhu phecelezi i-club, obegqoke izindwangu ezinemibala egqamile, uthe yena nethimba lakhe banikele ngezijumbana zokudla ezingama-250 ezibize izinkulungwane ezingama-R40 000 kubantu abampofu base-Alexandra.

Kepha ekugcineni benze okungalindelekile.

Bekunetha imvula yemali elokishini laseGoli eAlex ngempelasonto

Ngaphambi kokushiya e-Alex, baphonse izinkulungwane eziyi-R10,000 zemali yamaphepha besezimotweni zabo, bashiya kanjalo abampofu bebangisana ukucosha le mali.

Laba ababenenhlanhla yokucosha imali phansi bamemeza ngentokozo, kepha abangakwazanga bona ukucosha le mali baqalekisile.

Lezi zivakashi bezisekwa ngamanye amavolontiya akulo leli lokishi.

Ngenkathi bengena e-Alex, izakhamuzi zibambe olayini nganxa zonke zesitaladi lapho beshaya amakhwela, beshaya ihlombe futhi bememeza ngenkathi ithimba lekilabhu lidlula eduze kwabo.

Esitaladini ngasinye leli thimba liye lathola intokomalo eyodwa.

LamaSamariya alungileleyo ashayela lezi zimoto zakwanokusho banikwe inhlonipho enkulu ngenxa yohlobo oluphezulu lwezimoto ebebezishayela.

Obekhulumela ikilabhu uthi ubazwela kakhulu abantu bakuleli lokishi abadla imbuya ngothi nalabo abangasebenzi ngoba bashaywe ingozi engeqiwa ntwala ngenxa yalo mvalelo obangwe ilolu bhubhane.

Abahlali bayijabulele ingxaso yokudla

“Sisazoqhubeka senze okufana nalokhu kuzo zonke izindawo zaseGoli.UPhantom Lidwaba uthe isijumbana sokudla asitholile bekuyikhona ukudla abenakho endlini.

“Kubi mfowethu. Sengaphila ngokudla kubangani bami usuku nosuku. Lo mnikelo ufike ngesikhathi esifanele. UIsaiah Retlala uthi ubonga umholi wakhe ngokuba akhethe yena ukuzokwamukela lesi sijumbana sokudla.

“Ngingumuntu ophila ngamatoho. Nalabo engibasebenzelayo abanamali,” usho njalo.

Indlela abamukelwe ngayo yehluke kakhulu kunokucwaswa okwenzeka ngonyaka owedlule lapho okwahlaselwa khona kwabokufika abase-Nigeria.

Izihloko zakamuva