UMengameli wophiko lwentsha ukhala ngezicwicwicwi zaseGauteng ezingathintwa

Lubhalwe nguDoreen Mokgolo

Umengameli wophiko lwentsha ye-ANC, uCollen Malatji, usekhwele wadilika kuNdunankulu wase-Gauteng, uPanyaza Lesufi, ngokuqoka “izicwicwicwi” zase-Gauteng njengoNgqongqoshe kuKhabhinethi yakhe yesifundazwe. 

Kulaba kubalwa uLebogang Maile osebenze ezikhundleni ezehlukene zikaNgqongqoshe kusukela ngo-2010 ehlanganisa ezemidlalo, ezobuciko, amasiko nezokungcebeleka nosanda kuqokwa njengoNgqongqoshe wezeziMali nokuthuthukiswa komnotho. 

UJacob Mamabolo, osesebenze ezikhundleni ezehlukene zoNgqongqoshe kusukela ngo-2014, usanda kuqokwa njengoNgqongqoshe wezokuThuthukiswa kweNgqalasizinda kanye nokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu. 

UMalatji ubekhuluma nezakhamizi namalungu eqembu ngesikhathi sohlelo lukaNelson Mandela e-Bekkersdal e-West Rand ngoMsombuluko. 

UMalatji uthe: “Siyazi ukuthi kukhona izicwicwicwi zase-Gauteng ongekho ongazithinta; kuhlale kusobala nje ukuthi bazojutshwa ezikhundleni zoNgqongqoshe. 

“Asazi ukuthi bamele bani njengoba bengenaso isifunda – okwabo ukuphuza ogologo ababizayo nokubhema uhlobo logwayi isigazi. 

“Kungenzeka kanjani ukuthi abantu abane kulaba baphume esifundeni esisodwa saseGoli, kushiywe i-Sedibeng, i-West Rand kanye noPhiko Lwentsha sengathi bayizingane zokutholwa zeqembu?” 

UMalatji uthe i-ANC ihlezi ngaphansi kuka-40% emiphumeleni yokhetho yakamuva ngenxa yabo.  Lab’ ongqongqoshe bebengabonwa nangokhalo ngesikhathi semikhankaso kodwa bebephuza ama-champagne begqoke amasudi abizayo nama-slay queen ngesikhathi kunemibuthano, usho kanje. 

“Bayehluleka wukuletha izidingo kubantu base-Gauteng ngoba ababazi abantu noma imizabalazo ababhekana nayo mihla namalanga. 

“Njengoba sihlonipha uNelson Mandela, abaholi beqembu namalungu kumele babuyele ezintweni eziyisisekelo. Abantu bakithi bakhathele ngabaholi abazenza izicwicwicwi futhi bafuna abantu abangafinyelela kubo nezidingo zabo. 

“Abaholi mabayeke ukuthenga amasudi abizayo nokuhlala emahhovisi anezipholisi-moya. Ake nisebenzele abantu abasezifundeni zenu,” usho kanje. 

Umengameli woPhiko Lwentsha uthe bazomxolela uNdunankulu ngephutha kodwa kumele alilungise. 

Osesithombeni ngenhla: UCollen Malatji. 

Umthombo: Uthunyelwe 

Izihloko zakamuva