Lubhalwe nguBuziwe Nocuze
Umtapo woLwazi kaZwelonke usubuyisele esimeni umtapo wolwazi e-Oscar Mpetha High School eNyanga, eKapa, nokuyinto ejabulisa abafundi.
Uthisha uVuyiseka Masekwana uthe umtapo wolwazi wakulesi sikole wawusebenza kahle ngesikhathi efika ngo-2016, kodwa wabhidlika ngoba wayengekho owayewuphethe, abafundi bathatha izincwadi bangazibuyisa.
Ukhulume ngokubaluleka kokuba nomuntu ozonakekela umtapo wolwazi ukuze kugwenywe izinkinga ezifanayo ngomuso.
Umtapo wolwazi omusha uzosiza abafundi ngemisebenzi yabo kanye nocwaningo futhi kufanele uthuthukise amamaki abo.
Ukuba nomtapo wolwazi kuzokwenza ushintsho olukhulu. Abafundi bethu, ikakhulukazi labo abangenawo ama-smartphones sebengakwazi ukwenza umsebenzi wabo lapha esikhundleni sokuthi baye e-internet café,” kusho uMasekana.
UPhakama Matoti, oyi-project manager yohlelo lwezingane lokufunda nokubhala, uvuselele umtapo wolwazi wesikole ngemuva kokuthi imizamo yokuqala yesikole ingaphumelelanga. Uhlelo lwenziwa e-Centre for the Book, okuyingxenye yoMtapo weziNcwadi kaZwelonke.
UMatoti uthole iminikelo yamakhabethe, amatafula ekhompyutha namakhompyutha amahlanu. Imitapo yolwazi yaseGugulethu naseNyanga inikele ngezincwadi kulo mtapo wolwazi, ozosiza abafundi abangaphezu kwenkulungwane.
“Umtapo wolwazi ubalulekile, hhayi kubafundi abenza ucwaningo kuphela kodwa uzobakhuthaza ukuthi bafunde ukuze babe ngabantu abangcono,” kusho uMatoti. Uhlelo Lwezingane Lokufunda nokubhala lukhuthaza ukufunda ngamaqembu ezincwadi ezikoleni nasemiphakathini.
Abafundi bayabonga, bathi ngeke besacela imali yokuthenga ama-data kubazali babo.
“Besingakwazi nokwenza kahle imisebenzi yethu yesikole ngenxa ye-data ebizayo. Manje asinazo izaba kodwa ukuphasa ngamalengiso qha,” kusho omunye umfundi.
Esithombeni ngenhla: Abafundi base-Oscar Mpetha High School babonga uMtapo weziNcwadi kaZwelonke ngokuvuselela umtapo wolwazi wesikole sabo.
Umthombo: Buziwe Nocuze