Oyedwa uthelele abangama-533

Umuntu oyedwa osebenza efemini yezinhlanzi yase-Ghana uthelele abantu abangama-533 asebenza nabo nge-coronavirus.

UMengameli uNana Akufo-Addo umemezele imininingwane yalowo “osabalalise igciwane le-corona” ngesikhathi kunenkulumo kazwelonke. 

“Bonke laba abantu abangama-533 bathelelwe ngumuntu oyedwa,” usho njalo.

I-Ghana inesibalo sabantu abayizigidi ezingama-30 ebese kuba nabantu abayizi-5 127 osekuqinisekisiwe ukuthi banegciwane le-Covid-19 nabangama-22 esebendulele kweliphakade.

Lokhu kutheleleka okusha kwabantu abangama-533, kusuka kumuntu oyedwa, manje sekwakha iphesenti eliyi-11 labantu asebethelelekile ezweni lonke.

Izihloko zakamuva