Ezemidlalo

UShalulile ‘ucishe wayishiya iSundowns’ ngaphambi kokwephula irekhodi 

Umgadli waseNamibia, uPeter Shalulile, wephule irekhodi lokushaya amagoli kuPremier Soccer League ngemuva kokuba ecishe washiya iSundowns ngenxa yezinkinga zenkontileka.

Umqeqeshi we-Orlando Pirates ulimale ngesikhathi esiza izisulu zengozi yemoto

Umqeqeshi we-Orlando Pirates u-Abdeslam Ouaddou kanye nabasebenzi abahlanu basesibhedlela ngemuva kokushayiswa yimoto ngesikhathi besiza abanye endaweni yengozi.

Owayengumqeqeshi wePirates uRiveiro ulaxazwe yi-Al Ahly

Owayengumqeqeshi we-Orlando Pirates, uJose Riveiro, uxoshwe yi-Al Ahly ngemuva kwemiphumela engemihle eshiye leli qembu lase-Egypt lingunombolo-12.

UNabi uthi iChiefs izakahle ngemuva kokudlala ngokulingana neSundowns

Umqeqeshi weKaizer Chiefs, uNasreddine Nabi, uvumile ukuphatheka kabi ngemuva kokubambana ngo 0-0 neMamelodi Sundowns kodwa wathi ujabule ngokuthi Amakhosi akakaze ashawe selokhu kuqale isizini.

U-Ouaddou uncoma i-Orbit ngemuva kokunqoba kanzima kwePirates

Umqeqeshi we-Orlando Pirates, u-Abdeslam Ouaddou, utuse i-Orbit College ngemuva kokuthi ezakhe ziyishaye ngo 1-0 e-Orlando Stadium koweBetway Premiership.

UNgcobo uthi iChiefs isangayiphinda ngenduku iSundowns

Umdlali wasesiswini weKaizer Chiefs, uNkosingiphile Ngcobo, ukholelwa ukuthi Amakhosi angaphinde ayishaye iMamelodi Sundowns uma lezi zinkunzi zombili sezihlangene e-FNB Stadium ngoLwesithathu.

U-Ouaddou uxwayisa iPirates ngokuthi kufanele ikhuphule amasokisi 

Ukushaya igoli kukaSebelebele ngesiwombe sokuqala kuwinise i-Orlando Pirates okokuqala kwiligi kule sizini kodwa umqeqeshi wayo uthi kumele bakhuphule amasokisi.

Amakhosi anethemba lokubuya kukaNabi ngaphambi komdlalo wabo neSundowns

IKaizer Chiefs inethemba lokuthi umqeqeshi wayo uNasreddine Nabi uzobuyela eNingizimu Afrika kuleli sonto ukuzolungiselela umdlalo wabo neMamelodi Sundowns.

Owayengumdlali wePirates u‘Fire’ Ndoro sigcine simnqabile isifo sikashukela 

Ushonile umgadli waseZimbabwe uTendai 'Fire' Ndoro eneminyaka engu-40 ubudala ngemuva kokuxinwa yisifo sikashukela okuphoqe ukuthi asheshe ashiye ebholeni.

IChiefs inqobe ngemizuzu yokugcina ngesikhathi ishaya iPolokwane City 

Ama-subtitutes eKaizer Chiefs atakule iqembu lahlula iPolokwane City ngo 1-0 njengoba uSiphesihle Ndlovu eshaye igoli ngomzuzu ka-79 eFNB Stadium.

Recent articles