UMotsepe uzosihlonipha isinqumo senkantolo ngesicoco se-Afcon yase-Senegal

Lubhalwe nguDylan Bettencourt

ISenegal ishaye iMorocco ngo 1-0 kowamanqamu we-Afcon kodwa yaphucwa isicoco ngemuva kokuthi iMorocco idlulise lo mphumela kuCAF.

UMengameli weCAF, uPatrice Motsepe, uthi uzolandela noma yini enqunywe yiNkantolo Yokunxeshezelwa Kwezemidlalo mayelana nokudlulisa isicoco seSenegal.

UMengameli weCAF uPatrice Motsepe uthi iCourt of Arbitration for Sport (CAS) izonquma ukuthi iSenegal ingasibuyisa yini isicoco sayo se-Africa Cup of Nations (Afcon).

“Ngizosihlonipha futhi ngisisebenzise isinqumo seCAS. Umbono wami mayelana nalolu daba awunamsebenzi,” kusho uMotsepe esithangamini nabezindaba eCairo ngemuva komhlangano wabaphathi beCAF.

ISenegal ishaye iMorocco ngo 1-0 kowamanqamu we-Afcon ngenyanga edlule. IMorocco yalidlulisela phambili icala futhi inhlangano yokudlulisa amacala yeCAF yashintsha umphumela yaba inqoba ngo 3-0 iMorocco.

Udaba luqale kowamanqamu eRabat ngesikhathi iMorocco ithola iphenalthi ngomzuzu wokugcina. Abadlali beSenegal, umqeqeshi omkhulu uPape Thiaw kanye nabasebenzi bakhe baphume enkundleni bebhikisha.

Ngesikhathi sebebuya, uBrahim Diaz wageja iphenalthi. UPape Gueye ube eseshaya igoli ngesikhathi esengeziwe okwenza iSenegal yathola isicoco.

Ikomiti eliqondisa izigwegwe leCAF lihlawulise kuwona womabili amaqembu kodwa lashiya lodwa umphumela wokuqala. I-Morocco yaphinde yafaka isikhalazo. Kulokhu umphumela ushintshile.

UMotsepe uthe ibhodi lokudlulisa amacala lakhiwe amajaji nabammeli abazimele.

Ngesikhathi iSenegal idlala nePeru kowokuzilungiselela iNdebe yoMhlaba ka-2026 eParis, yabukisa ngendebe ye-Afcon phambi kwezihlwele. Bebegqoke amahembe anama-starts amabili, eyodwa ngeyokunqoba kwabo i-Afcon ka-2022 kanye neyokunqoba ngoNhlolanja.

UMotsepe uthe uzohambela iSenegal neMorocco, nakuba engazikhiphanga izinsuku. Uthe uzogxila ekusebenzeni ngokubambisana ukukhulisa ibhola lase-Afrika.

I-CAF ithe iyayishintsha imithetho yayo ukuze kwakhiwe ukwethenjwa konompempe, abasebenzisa i-VAR nezigungu zamajaji, futhi kunqandwe izigameko ezifanayo kowamanqamu.

USamson Adamu ongowokuzalwa eNigeria uzothatha izintambo zokuba unobhala jikelele. Ungene esikhundleni sikaVeron Mosengo-Omba waseDemocratic Republic of the Congo, osefinyelele iminyaka eyimpoqo yokuthatha umhlalaphansi eneminyaka engu-66.

Osesithombeni esingenhla: UMengameli weCAF uPatrice Motsepe.

Umthombo wesithombe: Ifayela

Izihloko zakamuva