Lubhalwe nguDylan Bettencourt
URulani Mokwena ubanjwe yizikhulu zentela yase-Algeria ngemuva kwemibiko yokuthi uzame ukulifulathela izwe nemali yakwelinye izwe.
UMokwena ukhulume emsakazweni i-947 FM wathi imali iqhamuke kwi-failed seat upgrade futhi le mali ibisemthethweni.
Umqeqeshi webhola waseNingizimu Afrika, uRulani Mokwena, uthi umiswe esikhumulweni sezindiza iHouari Boumediene Airport e-Algeria ngenxa yokungaqondi kahle ngemali yangaphandle, hhayi indaba yobugebengu.
UMokwena, owayengumqeqeshi weMouloudia Club d’Alger (MCA), ukhulume nomsakazi uRobert Marawa ku-947 FM. Ubekhuluma ese-Turkey ngesikhathi elibangise eLibya, lapho i-Al-Ittihad Tripoli izomethula khona njengomqeqeshi wayo omusha.
Uthe inkinga iqale ngesikhathi ezama ukuthuthukisa izihlalo zabasebenzi bakhe kwi-counter yokungena esikhumulweni sezindiza.
“Satshelwa ukuthi singakhokha ukheshi kuphela,” usho kanje. “Sizamile ukuthola ukheshi ukuze sikhokhe, kodwa ngemuva kokuthi sitshelwe ukuthi kufanele sikwenze ku-inthanethi. Sazama ukukwenza ku-inthanethi, kodwa sanqatshwa ngoba bese kuvaliwe noma isikhathi sesihambile.”
Lokho kwashiya iqembu libambe ukheshi elalingeke liwusebenzise futhi engekho umuntu ababengawunika yena.
UMokwena uwuchithile umbono wokuthi kukhona akufihlayo.
“Angazi noma ungantshontsha iholo noma imali yakho uma usebenze kanzima izinyanga eziyisishiyagalolunye,” usho kanje. “Umphakathi uyazi ukuthi bengingumqeqeshi we-Mouloudia e-Algeria.”
Uthe le mali isemthethweni
“Inani lemali umuntu wangaphandle abengahamba angu-5 000 dollars. Uma uphindaphinda u-5,000 izikhathi ezine, ingaphezulu noma ingaphansi kuka-20,000, futhi imali ibingaphansi kakhulu kuka-20,000,” esho. “Izinto zithathelwe phezulu.”
I-Al-Ittihad Tripoli seyethule uMokwena njengomqeqeshi wayo omusha e-Libya.
Osesithombeni esingenhla: URulani Mokwena.
Umthombo wesithombe: Ifayela
