Ezepolitiki

I-ANC ikhathazekile ngokuqhela kwabaholi bayo emikhankasweni

Njengoba i-ANC ikhanda amasu ayo okhetho, ubuholi bayo bukhathazekile ngokungabibikho kowayenguMengameli namaphini kaMangameli emikhankasweni yakamuva.

Ubhekwe ngabomvu ozoba yifolosi le-IFP kwesobuNdunankulu

Isigungu esiphezulu se-IFP sesithathe isinqumo sokuba simemezele umholi esizofolosa ngaye njengoNdundunankulu waKwaZulu-Natal.

I-DA ithi uKhongolose akaphume kuZuma 

I-DA KwaZulu-Natal ithi uKhongolose awuzehlise uvele ukhohlwe ngowayenguMengameli Jacob Zuma ngoba usebashiye unomphela.

Bachitha inkolo yobuKrestu emgubheni wempi yaseSandlwana.

Amakhosi afuna ichithwe inkolo yobuKrestu emgubheni wempi yaseSandlwana eyanqontshwa uZulu ebhekene namaNgisi ngo-1879 ngoba ekhala ngokuthi kwasetshenziswa yona ukuhlasela isizwe sikaZulu kwaze kwachitheka igazi.

Simangaze abaningi iSilo siqoka iMeya yaseZululand kwesikaNdunankulu kaZulu

ISilo uMisuzulu kaZwelithini ugcine eqoke iMeya yaseZululand umfundisi Thulasizwe Buthelezi esikhundleni sokuba uNdunankulu kaZulu ngemuva kwezinyanga ezine kukhothame uMntwana wakwaPhindangene.

Injabulo i-Israel iyalelwa ukuba iyeke ukubulala abantu eGaza

Ekunqobeni okukhulu kweNingizimu Afrika, iNkantolo Yobulungiswa Yamazwe Ngamazwe (ICJ) ngoLwesihlanu ikhiphe isinqumo sokuthi i-Israel kumele ithathe izinyathelo zokuvimbela ukubulawa kwabantu e-Gaza.

UHlabisa uthi ukufika kweMK Party kusho ukukhula kwentandoyeningi

UMengameli we-IFP uMnuz Velenkosini Hlabisa uthi ukutheleka koMkhonto weSizwe Party kwezombusazwe wakuleli kusho ukuvuthwa kwentando yabantu eMzansi.

I-ANC eKZN ikhala  ngabaholi ababukela uRamaphosa ethukwa

UKhongolose KwaZulu-Natal usuzwakalise ukungenami ngabaholi abaqavile abakhombisa ukuchema isidana nowayenguMengameli wezwe uMnuz Jacob Zuma esikhundleni sokuvikela uMengameli uCyril Ramaphosa.

Umfelandawonye wamaqembu aphikisayo usongela i-ANC

Umfelandawonye wamaqembu aphikisayo angu-11 ahlangene ngenhloso yokuketula i-ANC azibophezele ekudaleni amathuba emisebenzi.

Owe-ANC uthembise uRamokgopa inkomo uma engaqeda ugqamcishi

UFikile Mbalula uthembise uNgqongqoshe wezaMandla kagesi uKgosientsho "Sputla" Ramokgopa umklomelo wenkomo ecebile uma engaqeda ukucishwa kukagesi.

Recent articles