I-ANC eKZN ikhala  ngabaholi ababukela uRamaphosa ethukwa

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

UKhongolose KwaZulu-Natal usuzwakalise ukungenami ngabaholi abaqavile abakhombisa ukuchema isidana nowayenguMengameli wezwe uMnuz Jacob Zuma esikhundleni sokuvikela uMengameli uCyril Ramaphosa. 

Lokhu kuvele ngesikhathi kunesithangami sabezindaba ebesiseThekwini ngoLwesithathu, lapho uNobhala kaKhongolose esiFundazweni uMnuz Bheki Mtolo ebechaza ngezinhlelo zalo mbutho zokulungiselela ukhetho kanye nokwethulwa kweManifesto enkundleni iMoses Mabhida.

UMtolo uthe sebeyiqaphelile lento yabaholi abathile abazwelayo uma uZuma etshelwa izindaba zakhe kodwa bathula engathi bafile uma kuthukwa uRamaphosa.

Ubekusho lokhu ngemuva kokuthi ngempelasonto owayenguSihlalo kaKhongolose uDkt Zweli Mkhize ekhuze indaba yokuhlaselwa kukaZuma wathi ayizukusiza muntu kodwa okubalulekile akugxilwe ekulungiseni izinkinga ezingaphakathi embuthweni.

UMtolo uthe abayingeni leyo ngoba uZuma kufanele bamtshele izindaba zakhe ngisho noma ngabe zibaba kangakanani.

“Sesiyababona laba baholi abavele bathule engathi bafile uma kuthukwa uMengameli kaKhongolose uRamaphosa kodwa uma kuwuZuma bavuka bame ngezinyawo bethi asikuyeke esikushoyo kodwa asikhulume ngezinto ezinhle uKhongolose azenzele abantu. Ubani ongazi ukuthi i-ANC yiyo eyakhele abantu izindlu? Akekho ngakho abasiyeke okwamanje kesitshele uZuma izindaba zakhe. Futhi asimhlaseli uZuma sikhuluma lokhu ayikho naye akwaziyo. Yena sisazomtshela kuyolamula umhlaka-24 kuNhlolanja ngoba emuva kwalapho sobe singasayikhulumi indaba yakhe,” kusho uMtolo.

Ukusho lokhu nje kunabanye futhi abaholi abakhalayo ngokuthi yini uKhongolose ungamncengi uZuma ukuze abuye njengoba wenza kuMnuz Mavuso Msimang.

UMtolo uthe akukho abangakuzamanga ukuhlangana noZuma kodwa ebabalekela.

Uthe baqale bathuma umuntu eNkandla okunguSihlalo wesiFunda uMusa Dladla, noMnuz Musa Cebekhulu.

Uqhuba uthi ngesikhathi uCebekhulu efika kwaDakwadunuse eNkandla watshelwa ukuthi uZuma akekho kodwa izimoto zakhe zazikhona zonke kucaca ukuthi kuqanjwa amanga.

“Ngaphinde ngathumela uWillies Mchunu. Hhayi naye wabuya ephelelwe amandla wathi akulungi. Ngibe sengithumela umngani wakhe omkhulu uZuma uBishop Vusi Dube. Naye ubuye engazi wageza izandla wathi asichithe amanzi ihambile le ndoda. Sengiphinde ngathuma uDkt uZweli Mkhize yenake bayagejana abakaze babonane kuzekube manje. Niyabonake ukuthi lo muntu akasafuni nokuhlangana nathi. UMavuso Msimang yena wesula kuKhongolose kodwa wayezimisele ukuba kuxoxwe. Yingakho kwakhulumeka naye,” kusho uMtolo.

Uthe yize bebezama ukubuyisa uZuma kodwa bathi liphume nobomvu ngokuhamba kwakhe ngoba ubesehlule futhi nabo besebekhathele ukumnabukelisa.

UMtolo uthe kunabaholi ababehlonishwa kwaKhongolose futhi bengathinteki nasenkohlakalweni okwabanzima kakhulu uma behamba ngakho okukaZuma abasenandaba okwangempela naye ngoba bathi ubekhohlakele.

Uthe labo baholi ababeqotho ubala oMnuz Mosiuoa Lekota, u-Andile Nkuhlu, uMluleki George, uMbazima Shilowa nabanye.

Uphinde wagxeka uZuma ngokubuza uRamaphosa ngempimpi wathi empeleni nguye uZuma oyimpimpi enkulu ngoba wakwazi ukulanda uRamaphosa wamenza iphini lakhe manje usethi uyimpimpi.

Kulesi sithangami uMtolo uthe bazothumela izincwadi kulaba asebebonakala besebenzela ezinye izinhlangano zokubabizela esigcawini sokuqondiswa izigwegwe bese emuva kwalokho bebaphuca ubulungu babo.

Izihloko zakamuva