Umfelandawonye wamaqembu aphikisayo usongela i-ANC

Lubhalwe nguZukile Majova
Umhleli Wezepolitiki

Umfelandawonye wamaqembu aphikisayo angu-11 ahlangene ngenhloso yokuketula  i-ANC azibophezele ekudaleni amathuba emisebenzi.

Athi ukungaphathi ngendlela efanele kwe-ANC umnotho kanye nesikhwama somphakathi kudale ukuthi kube nesibalo esiphezulu sabantu abangasebenzi esingaphezu kuka-41%.

“Ukungaphathi ngendlela efanele kwe-ANC umnotho wethu akubonakali nje kuphela ngezinga lethu labantu abangasebenzi elimi ku-41.2% kodwa nasezinhlungwini imindeni yakuleli ebhekana nayo ngokukhuphuka kwezindleko zokuphila,” kusho lo mfelandawonye esitatimendeni esihlanganyelwe.

Umfelandawonye oholwa i-DA uhlangane eGoli ngoLwesithathu ukuze kwakhiwe izinqubomgomo ezifanayo ezinkingeni ezahlukene ezibhekene nezwe.

Lo mqulu obizwa nge-Multiparty Charter for South Africa wakhiwe i-DA, i-IFP, i-Freedom Front Front Plus, i-ACDP, i-ActionSA namanye amaqembu amancane.

Lo mfelandawonye uhlela ukwakha imbumba  wezepolitiki oluzokwenza ukuthi I-A  ifinyelele ngaphansi kuka-50% wamavoti kuzwelonke okhethweni oluzoba kulo nyaka.

Kodwa kuze kube manje umfelandawonye ngokwawo usangaphansi kakhulu komgomo wawo owuhlosile ngo-50%, njengoba iningi lamaqembu aphikisayo abamnyama lisangaphandle kwalo mqulu.

Lo mfelandawonye ubambe ngaphansi kuka-28% wamavoti ngokwemiphumela yokhetho lwango-2019. Ilungu lalo mfelandawonye eliqinile i-ActionSA lathulwa ngo-2020.

Okhethweni lohulumeni basekhaya lwango-2021, i-ActionSA yawina amavoti ngo-2.33%.

Amaqembu aphikisayo amnyama amelene nokubuswa kwe-ANC awazange ajoyine lo mqulu ngemuva kokuthi kuthiwe ugcwele iqeqebana labaxolisi kanye nabahlanganyeli bobandlululo.

Yize i-ANC ne-EFF befuna ukuthi i-South African Reserve Bank ifakwe ngaphansi kukahulumeni futhi kubuyekezwe igunya layo, umfelandawonye we-DA ufuna ukuvikela ukuzimela kwawo.

“I-Multi-Party Charter For South Africa’s economic plan igxile ekuvezeni amandla amakhulu abantu nezinsizakusebenza zakuleli ezingakasetshenziswa ngokwakha izimo ezidingekayo ukuze umnotho uthuthuke,” kusho umholi we-ActionSA uHerman Mashaba.

UMengameli we-IFP uMnuz Velenkosini Hlabisa oqembu lakhe elivukile eselithathe omasipala abaningi abebephethwe i-ANC KwaZulu-Natal, uthe leli qembu alinawo umlando wokubekezelela inkohlakalo.

Ngesikhathi i-ANC ne-EFF befuna kube nomgomo wokudliwa komhlaba ngaphandle kwesinxephezelo, umfelandawonye we-DA ufunge wagomela ukuthi uzovikela amalungelo omhlaba uphinde uqinise umthetho wokuvimba ukudliwa komhlaba esikhathini esizayo.

Umfelandawonye uthe bafuna ukwenza kube lula ezinkampanini ukuthi ziqashe izigidi zabafundi abangasebenzi.

Izihloko zakamuva