Umndeni ukhala ngosopolitiki onezithembiso ezingafezwa

Lubhalwe ngu-Anita Dangazele

Isalukazi nendodakazi yaso abahlala emijondolo yase-Kariega e-Joe Slovo sebekhathele ukusetshenziswa emikhankasweni ngosopolitiki ababashiya benethemba elingekho ngesikhathi sokhetho.

UKatrina van Enway (95) ophethwe isifuba sofuba kanye nendodakazi yakhe uKatie (60) bahlala emjondolo ogqwalile wothayela ogcwala amanzi njalo uma lina.

Umjondolo wabo ugcwele izimbobo, kuhlanganisa nembobo enkulu ophahleni. Indlu yabo yangasese yebhakede eqhele ngamamitha ambalwa ukusuka emjondolo ayinawo umnyango futhi basebenzisa umpompi womphakathi ukuze bathole amanzi.

UKatie uthe ukhathazekile ngokuthi umama wakhe angase ashone ngenxa yesifuba sofuba ebusika.

“Sengihlale nomama wami iminyaka engu-12 manje, futhi njalo ebusika ngihlezi ngesaba ukuthi angase ashone ngoba isifo sofuba siya ngokuya sibe sibi kakhulu,” esho.

UKatie uthe sebeke bavakashelwa osopolitiki abaningi abafika bezohlola isimo sabo babathembisa indlu yomxhaso – kodwa namanje basalindile.

“Njalo uma kuza ukhetho bayafika bathwebule izithombe zesimo esiphila kuso kodwa alukho usizo esilitholayo. Sathenjiswa umuzi kodwa namanje asikaze siwakhelwe. Sikhathele izithembiso zabo ezingamanga,” kusho uKatie.

Uthe ekuqaleni kwaleli sonto yena nomama wakhe bavakashelwe iMeya yaseNelson Mandela Bay uGary Van Niekerk obathembise indlu yomxhaso.

UVan Niekerk ukuqinisekisile ukuthi uke wabavakashela.

“Singithinte kakhulu isimo sabo,” esho.

“Into eseqhulwini ukubatholela indlu yomxhaso kodwa ngiyazi ukuthi uhlelo olude lolo. Okwamanje ngizokwenza isiqiniseko sokuthi bathola uphahla lwesikhashana ngesikhathi ngikhuluma neziphathimandla ezifanele ukuthola isisombululo,” kusho uVan Niekerk.

Esithombeni esingenhla: UKatie van Enway (60) kanye neMeya waseNelson Mandela Bay uGary Van Niekerk.

Umthombo Wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva