Owe-ANC uthembise uRamokgopa inkomo uma engaqeda ugqamcishi

Lubhalwe nguZukile Majova
Umhleli wezepolitiki

Nikeza uFikile Mbalula umbhobho kanye nesixuku esinomdlandla ukuze asho noma yini – uvame ukukhuluma noma yini bese exolisa kamuva.

Kulokhu uNobhala-Jikelele we-ANC uthembise uNgqongqoshe kagesi uKgosientsho “Sputla” Ramokgopa inkomo ekhuluphele ezohlatshwa uma engaqeda ukucishwa kukagesi.

“Sinenkinga yokucishwa kukagesi kuleli futhi kuyinto esesiyijwayele. Kodwa-ke, uSputla uyayilungisa leyonto. Ukucishwa kukagesi kuzophela ngaphansi kobuholi bukaSputla futhi sizomhlabela inkomo,” kusho uMbalula emngcwabeni e-Limpopo ngempelasonto.

Kuzo zonke izindawo abaya kuzo abaphathi be-ANC bangaphansi kwengcindezi yokuthi banikeze imibiko yenqubekela phambili mayelana nenkinga yamandla kanye nokushoda kwamanzi okuphuza ahlanzekile emiphakathini eminingi.

UMbalula, phambilini owathembisa ukuthi ukucishwa kukagesi kuzophela ngoZibandlela nyakenye akakwazanga ukuzibophezela ngokuthi ukucishwa kukagesi kuzophela nini njengoba ukhetho lwakulo nyaka selusondele.

Muva nje, uMbalula ephethe umbhobho, namakhamera emubheke ebusweni futhi ekhuluma engasabi lutho uthole into angakhankasela ngayo khetho lwe-ANC ngesikhathi evuma ukuthi leli qembu laqamba amanga ngamabomu ukuze livikele owayenguMengameli uJacob Zuma ngesikhathi lithi i-swimming pool  ka-R3.9 million esemzini kaZuma oseNkandla obiza u-R250 million “iyi-firepool” eyakhelwe ukugcina amanzi uma kwenzeka kusha ezinye izindlu ezifulelwe ngotshani.

“Wawubona ukuthi kungamanga lawa; kunzima kakhulu ukuchaza amanga. Abantu balahlekelwe imisebenzi yabo ngenxa yaleyonto,” kusho uMbalula.

USihlalo we-ANC uGwede Mantashe owayenguNobhala-Jikelele weqembu phakathi kuka-2007 no-2017 unxuse abezindaba ukuthi bambekezelele uMbalula wathi “uzosijwayela isikhundla sokuba uNobhala”.

Izithembiso eziyinqaba nezixakile zijwayelekile ku-ANC ngaphambi kokhetho.

Ekuqaleni kwehlandla lakhe, uMengameli uCyril Ramaphosa wathembisa abantu base-Alexandra izindlu ezingaphezu kwesigidi ezizoguqula leli lokishi eliminyene.

UZuma wathembisa uhlelo luka-R25 billion lwezindlu kubantu base-Cornubia KwaZulu-Natal ngaphambi kokhetho lwango-2014.

Ayikho kulezi zinhlelo ezinhle esike sazibona.

Esithombeni esingenhla: UNobhala-Jikelele we-ANC uFikile Mbalula.

Umthombo wesithombe: X

Izihloko zakamuva