Ezepolitiki

Sebethembe imikhuleko nezangoma abaholi be-ANC ngenxa yezinkinga

UMengameli kaKhongolose uMnuz Cyril Ramaphosa nephini lakhe uMnuz Paul Mashatile bamatasa nezinkonzo nabathandazi njengoba iqembu labo libhekene nempi yokubalekelwa amalungu nemibango esezinkantolo.

Isishoshovu esihlonishwayo kuleli sijoyine iRise Mzansi 

UMark Heywood, owayengumholi womkhankaso we-Treatment Action, ulethe ithimba lochwepheshe ukusiza iqembu elisha.

UMkhonto Wesizwe nohlu olusemthethweni lokhetho oluzayo 

Iqembu le-MK KwaZulu-Natal selimemezele uhlu lwalo olusemthethweni okhethweni oluzayo kanti uMnuz Nhlanhla Ngidi useqokelwe esikhundleni esiphezulu.

Udumo lukaZuma lwenze i-MK yaba iqembu elinamandla

Ukweseka kukaJacob Zuma iqembu loMkhonto Wesizwe kukhulise kakhulu udumo lwalo kanye namandla.

Kukhona izifunda ze-ANC KwaZulu-Natal ezifuna uSenzo Mchunu alandele uRamaphosa 

UNgqongqoshe wezaManzi uMnuz Senzo Mchunu ushaya amakhala ngabamkhankasela ukuthi kubenguye othatha izintambo kuMengameli kaKhongolose uMnuz Cyril Ramaphosa ngo-2027.

Abaholi be-ANC bakhankasa emabandleni 

Amavolontiya e-ANC kanye nobuholi obuphezulu beqembu bathathe umkhondo wabo baya emabandleni ahlukene ezindaweni zase-Eastern Cape ngeSonto.

IPhini likaSomlomo lingene ezicathulweni zikaMapisa-Nqakula

IPhini likaSomlomo uLechesa Tsenoli uqokwe njengebamba likaSomlomo ngemuva kwekhefu elithathwe uNosiviwe Mapisa-Nqakula obhekene nophenyo lwenkohlakalo.

ICOPE ihlehlise umcimbi wokwethulwa kosomqulu wayo

I-Congress of the People (COPE) isikuhoxisile ukwethulwa kosomqulu wayo obekufanele kuqale ngoMgqibelo okuwubusuku obandulela umcimbi ukuze "ilungise izinto eqenjini".

Abaholi be-IFP ne-ANC sebeqale izingxoxo zokuthelelana amanzi

UMengameli we-IFP uVelenkosini Hlabisa uthe izingxoxo zoxolo ziyaqhubeka ne-ANC ngemuva kwezinxushunxushu zakamuva.

I-ANC ingahle ibe kumfelandawonye nezimbangi zayo ezinkulu

I-EFF kanye ne-MK kunokwenzeka ukuthi bazokwenza kahle kulolu khetho, ikakhulukazi ezifundazweni lapho i-ANC engatholi khona inani eliphelele.

Recent articles