Lubhalwe ngu-Anita Dangazele
IPhini likaSomlomo uLechesa Tsenoli uqokwe njengebamba likaSomlomo ngemuva kwekhefu elithathwe uNosiviwe Mapisa-Nqakula obhekene nophenyo lwenkohlakalo.
UMapisa-Nqakula uthathe ikhefu elikhethekile emva kosuku kugaselwe umuzi wakhe eKapa uphiko oluphenya ngamacala yiNational Prosecuting Authority ngeledlule.
Usolwa ngokufumbathiswa isamba sika-R2.3-million yilabo abahlomula kumathenda ngesikhathi engungqongqoshe wezokuVikela.
Esitatimendeni sangeSonto, iphalamende limemezele ukuthi uTsenoli uzothatha isikhundla sakhe.
“Ngokwemithetho yesiShayamthetho sikaZwelonke, ikakhulukazi uMthetho ka-24, uma kwenzeka uSomlomo engekho, engakwazi ukwenza umsebenzi wakhe noma isikhala sakhe ehhovisi singenamuntu, isekela likaSomlomo kufanele libambe iqhaza likaSomlomo.
“Njengokusho komthetho, uMnuz Lechesa Tsenoli oyiphini likaSomlomo wePhalamende likazwelonke, uzosebenza njengebamba likaSomlomo njengoba uSomlomo esathathe ikhefu.
Uzokwenza yonke imisebenzi eyenziwa nguSomlomo,” kusho isitatimende.
Liphawula ngokukhathazeka kwamaqembu aphikisayo mayelana nokuthi ikhefu likaMapisa-Nqakula alinikeziwe alihambisani nemithetho yePhalamende likazwelonke, iPhalamende lithe ngokwemithetho uma uSomlomo engakwazi ukwenza umsebenzi wakhe iPhini likaSomlomo lithatha izintambo njengebamba likaSomlomo.
“Ikhefu likaSomlomo lokungasebenzi liyahambisana nemithetho yesiGungu, ethi uma ukungabikho kwelungu kudlulela ngale kwemihlangano yeNdlu engu-15 ebanjwe ilandelana, kumele kwethulwe isiphakamiso esichaza isizathu sokungabibikho nesikhathi sekhefu esithathiwe.
“Uma kubhekwa ukuthi isiShayamthetho Sikazwelonke sisalelwe imihlangano emithathu kuphela ngaphambi kokuthi kuphethwe konke ekupheleni kukaNdasa ukuze kube nokhetho lukazwelonke nolwezifundazwe mhlaka-29 kuNhlaba, isizathu esisemthethweni ngeke sidingeke,” kusho iphalamende.
IsiShayamthetho sikazwelonke sithe ngokwemithetho, uTsenoli uzothatha wonke amandla anikezwe uSomlomo njengoba ebambile kulesi sikhundla.
Esithombeni esingenhla: Ibamba likaSomlomo wasephalamende uLechesa Tsenoli.
Umthombo wesithombe: X
