Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
UNgqongqoshe wezaManzi uMnuz Senzo Mchunu ushaya amakhala ngabamkhankasela ukuthi kubenguye othatha izintambo kuMengameli kaKhongolose uMnuz Cyril Ramaphosa ngo-2027.
UMchunu utshele i-Scrolla.Africa ukuthi lo mkankaso okuthiwa usuqalile kwabanye abaholi bezifunda zaKwaZulu-Natal, uyingozi ngoba uzodinga izinhlelo ze-ANC zokunqoba ukhetho lwangomhlaka 29 kuNhlaba.
“Iyingozi le nto ngoba izoxova izinhlelo zemikhankaso esibhekene nayo njengamanje yokunqoba ukhetho lukazwelonke. Kumanje sibhekene nezimbangi ezinye eziphuma lapha enhlanganweni ezifuna ukusiqumba phansi.
“Lezi zimbangi ngikhuluma nje azisho lutho kunalokho zikhankasa nge-ANC. Yinto enjani nje le yokuthi abantu baphume inxiwa kodwa baqhubeke basebenzisa izinto zakomunye umuzi? Yilokhu esibhekene nakho manje lapho kunamaqembu angasho ukuthi azobenzelani abantu kodwa akhankasa ngomlando kaKhongolose awenza owabo,” kuchaza uMchunu.
Abaholi abafuna uMchunu bathi bafuna iphele lento yaKwaZulu-Natal yokuya ezingqungqutheleni behlakazekile ngenxa yokuthi basuke beseka abaholi abehlukene.
Omunye wabaholi eligodliwe igama lakhe uveze ukuthi bafuna iKZN ibuyelwe isithunzi eyayinaso kudala uma kufikwa ezingqungqutheleni zikazwelonke.
“Besiyikhuluma lento kaMchunu nomunye usihlalo ukuthi njengoba babeseka uDkt Zweli Mkhize kodwa behlulwa, baphinda baseka uDkt Nkosazane maDlamini-Zuma nakhona behluleka e-Nasrec, sekuyisikhathi sokuba sibumbane seseke uMchunu.
Lokhu kuzosisiza ukuthi sibenezwi ku-top 7 njengakudala,” kusho lo mholi.
UMchunu wayenguSihlalo kaKhongolose KwaZulu-Natal futhi nguye owaba uNobhala isikhathi eside KwaZulu-Natal.
Ukewagaqela ukuba uNobhala Jikelele kaKhongolose ngo-2017 kodwa wehlulwa uMnuz Ace Magashule osaxoshwa kuKhongolose.
