Izindaba Scrolla

Izindlu zangasese ezibheda kakhulu

Abazali nabafundi baseCeza Primary School Olundi, eChibini bashaqekile ngesimo sezindlu zangasese “ezingafanele ngisho nokubizwa ngezindlu zangasese”.

Ezimnandi nge-covid-19

Izindaba ezimnandi nge-Covid ukuthi izingane kungenzeka zingabi abathwali abakhulu baleli gciwane

INkosana isiyiNkosi yesizwe samaRharhabe

Isizwe samaRharhabe sesingenise inkathi entsha ngokufaka iNkosana uJonguxolo Vululwandle Sandile njengeNkosi entsha yesizwe.

Uhlu lwabadumile asebehaqwe i-Covid-19

ONdunankulu abahlala ezindaweni ezimbili eziyisizinda segciwane eNingizimu Afrika, sebehlolwe batholakala ukuthi banegciwane le-coronavirus. UNdunankulu wase-Gauteng uDavid Makhura kanye noNdunankulu wase-Western Cape uAllan Winde babalwa ohlakeni lwabantu abasezingeni eliphezulu abaye bahlolwa, batholakala benegciwane ezinyangeni ezedlule.

Izwe lonke lizilele iNdlovukazi yamaRharhabe

Zombili izizwe zamaZulu namaXhosa zizilile ngokushona kweNdlovukazi yamaRharhabe uNoloyiso Sandile.

Okujwayelekile kugadle eqenjini le-ANC

Iqembu le-ANC lisebenza nabasebenzi abambalwa kunabasebenzi abajwayelekile lapho okuhlala khona oNdunankulu eLuthuli House, eGoli ngemuva kokuthi ilungu labasebenzi lihlolwe igciwane, kwatholakala ukuthi line-Covid-19.

Umengameli waseBrazil obehlekisa nge-Covid manje usenayo

Umengameli uJair Bolsonaro waduma ngokuthi i-covid-19 "umkhuhlane omcane". Manje usenayo.

Ubusika bungenile

Abesimo sezulu eNingizimu Afrika bakhiphe isixwayiso ngokubanda okuzayo besithi kuzoba nemvula enamandla, iqhwa, isiphepho esinamandla kanye nokukhithika kweqhwa okuzolindeleka ezifundazweni ezahlukene.

Othisha bahlekisa ngama-sanitiser kahulumeni

Othisha base-Mbodleni High School e-Mount Frere e-Eastern Cape badalule inkohliso eyenziwa nguhulumeni ngokunikezela ngama-sanitiser angasebenzi ezikoleni sasendaweni.

Uthando kulomvalelo londla izingane ezilambile

Ukushintsha umhlaba kuqala ngokushintsha izimpilo zezingane. Lokhu kungumbono kaTina Hopff, ophethe uhlelo lokondla ngokudla e-Kranshoek e-Western Cape, usiza izingane ezinganakho ukudla kulesi sikhathi somvalelo. "Uma sifuna ushintsho kumele siqale ngezingane."

IGoli lifuna kubuye umvalelo onamandla

Uhulumeni waseGoli ufuna ukukwazi ukubuyela kumvalelo wokumisa konke, ukuze abhekane nokubhebhetheka kanye nokwenyuka kwezibalo zabantu asebehaqwe i-coronavirus esifundazweni.

Izingane ziyehluleka ukuthathela lesi sifo ekhanda

Izindaba ezimnandi ukuthi bonke abafundi abangama-204 abathole i-Covid-19 eMakaula Senior Secondary, isikole okuqubuke kakhulu igciwane eNingizimu Afrika basindile. Izindaba ezimbi ezokuthi kunzima ukukholisa izingane kanye nabazali ngesidingo sokuthathela igciwane ekhanda.