Ubusika bungenile

Abesimo sezulu eNingizimu Afrika bakhiphe isixwayiso ngokubanda okuzayo besithi kuzoba nemvula enamandla, iqhwa, isiphepho esinamandla kanye nokukhithika kweqhwa okuzolindeleka ezifundazweni ezahlukene.

Umphakathi kanye nabalimi abancane besitoko kuzomele beqaphele imvula enamandla, izikhukhula, iziphepho ezinamandla kakhulu kanye nokukhithika kweqhwa okungahle kulindeleke  ezindaweni zokhahlamba.

Kulindeleke ukuthi amazinga okushisa athi ukwehla kancane ngentambama yangoMgqibelo eGoli.