Izwe lonke lizilele iNdlovukazi yamaRharhabe

Zukile Majova

Zombili izizwe zamaZulu namaXhosa zizilile ngokushona kweNdlovukazi yamaRharhabe uNoloyiso Sandile.

Le Ndlovukazi eneminyaka engama-56 ubudala yayingudadewabo weNkosi yamaZulu uGoodwill Zwelithini.

Lowo okhulumela umndeni uPrince Xolile Burns-Ncamashe, uthe le Ndlovukazi ibilashelwa isifo esihlobene ne-Covid-19 esibhedlela i-Cecilia Makiwane Hospital e-East London lapho eshonele khona ngoLwesithathu ntambama.

INdlovukazi uNoloyiso Sandile yathatha izintambo lapho kushona umyeni wayo inkosi uMahlasela Sandile ngonyaka wezi-2011.