Uhlaselwe isifo senhliziyo obengumholi weNFP ngemuva kwemiphumela yokhetho

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

Ushaywe isifo senhliziyo obengumholi we-NFP ePhalamende uMnuz Sheik Imaam Mansoor ngemuva kokuba iqembu lakhe elisha lingenzanga kahle okhethweni.

UMansoor kuthiwa welashwa kwesinye sezibhedlela eThekwini kanti kuthe kuleli sonto wahlinzwa ngenxa yokuba bucayi kwesimo.

Iqembu lakhe alikwazanga ukuthola izihlalo ePhalamende naseSishayamthetho saKwaZulu-Natal okuyilapho elalingenele khona.

UMansoor usungule iqembu elisha lezombusazwe okuyi-African Movement 4Change (AM4C) kusele izinyanga ezimbalwa kuyiwe okhethweni.

Leli qembu ulisungule ngemuva kokushiya iNFP abeyihola ePhalamende likazwelonke.

Omunye wabaholi be-AM4C uNkk Sindi kaMaphumulo-Mashinini uthe uMansoor welulama kahle esibhedlela.

“Ubuholi beqembu nabenkolo yamaSulumane bebeyomuvakashela esibhedlela bemuhambisele nemikhuleko. Okuhle ngaye ungumholi onesibindi nokwaziyo ukumelana nezimo. Yingakho sinethemba lokuthi uzophuma noma kunini esibhedlela,” kusho okaMaphumulo-Mashinini.

UMansoor ubalwa nabanye abaholi abaqavaile abalaxaze iNFP ngemuva kweminyaka ecela eshumini kuliwa kubangwa izimali zasePhalamende nezikhundla.

Lokhu kwenzeka ngemuva kokuthi ngo-2014 umsunguli weNFP uNkk Zanele kaMagwaza Msibi aguliswa isifo sohlangothi nokwadala izimpi ezingapheli esegula, bebanga amandla.

Abanye abaholi abagcine beshiyile kubalwa uDkt Cedric Xulu, uMnuz Vusi Khoza, uMnuz Maliyakhe Shelembe, uMnuz Ericson Zungu, uMnuz Vikizitha Mlotshwa, uMnuz Bhungu Gwala, uNkk Bongi Mtshali, uNkk Happy Khuzwayo, uMnuz Canaan Mdletshe nabanye.
ningi libuyele ku-IFP, abanye bajoyina i-ANC, iDA, ATM, EFF namanye amaqembu.

Izihloko zakamuva