AbakwaSassa bajabulise izingane ezimpofu ngemifaniswano yesikole emisha

Lubhalwe nguBuziwe Nocuze


Abafundi abangaphezu kuka-30 besikole samabanga aphansi eKhayelitsha, eKapa, ​​bajabulile ngesikhathi izikhulu zakwaSassa zibanikeza umfaniswano wesikole omusha.

Imifaniswano inikezwe abafundi abavela emindenini edinga usizo ngohlelo lweSouth African Social Security Agency’s Social Relief of Distress.

UMnuz Ananias Kgare, oyisikhulu esiphezulu kwaSassa, uthe bahlonze abanye abafundi abadonsa kanzima ukuthola umfaniswano wesikole ngenxa yezinkinga zemali.

UKgare uthe abakwaSassa abakwazanga ukuyiziba inkinga ngemuva kokuzwa ngayo.

Ugqugquzele abahlali ukuthi bakhulume uma bedinga usizo.

“Uma udonsa kanzima, ungazabalazi wedwa. Khuluma nabanye ukuze bakusize ngokuthinta izinhlangano ezingase zikusize.”

UKholeka Fani ongumzali umangele futhi ebonga ukwesekwa kwabakwaSassa.

“Bengicabanga ukuthi basiza ngemali yesibonelelo sikahulumeni namaphasela okudla kuphela. Besidonsa kanzima ukuthengela izingane zethu umfaniswano wesikole ophelele,” usho kanje.

Omunye umzali uJabulani Sikade uzizwe ekhululekile.

“Kube buhlungu kimi ukubona izingane zami zifunda esikoleni zingawufakile umfaniswano ophelele, manje ngizolala kahle ngazi ukuthi azihlukile kwezinye izingane,” usho kanje.

UThishomkhulu uMnuz Thozama Zilwa uthe usizo lwakwaSassa luzoba nomthelela omkhulu.

“Imifaniswano izosiza abafundi bethu bazizwe beqiniseka futhi babambe iqhaza kakhulu ekilasini,” kuchaza uZilwa.

Ungeze ngokuthi ngaphandle komfaniswano, ukuzethemba kwabafundi bekuphazamiseka futhi unethemba lokuthi bazonikela ngeminikelo eyengeziwe ngokuzayo.

Esithombeni esingenhla: AbakwaSassa banikele ngomfaniswano wesikole ophelele kubafundi abampofu eKhayelitsha, eKapa.

Umthombo: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva