Lubhalwe nguBuziwe Nocuze
Abafundi basesikoleni samabanga aphansi Ithemba Labantu ePhilippi East, eKapa bakuthokozele ukudansa nokucula noxoxa izindaba odumile, umbhali, umlingisi kanye nembongi uDkt Gcina Mhlophe.
Uvakashele kulesi sikole ngenhloso yokufundisa izingane ngokubaluleka kokuhlonipha amasiko azo.
“Izingane zethu kumele zazi ngamasiko azo. Kumele sibafundise besebancane, siphinde sibafundise nangokubaluleka kwemfundo. Ngaphandle kwamasiko isizwe siyaphela, asinakusasa eliqhakazile,” kusho uMhlophe.
Uthe: “Njengezingane, nidinga ukuphathwa ngothando, ububele nenhlonipho.
UMhlophe waqala ukubhala esesesikoleni samabanga aphezulu eneminyaka engu-17. Wakhuthazwa ukuthi abhalele izingane ngemva kokuvakashela isitolo sezincwadi esigxile ezincwadini zezingane futhi usehambe umhlaba wonke kusukela ngo-1985 exoxa izindaba zakhe.
“Izingane zingabaholi bakusasa bezwe lethu. Phambilini izingane zethu bezisebenzisa izincwadi ezazithengwa kwamanye amazwe zihunyushelwe ezilimini zaseNingizimu Afrika. Kwakungeyona into elungile, ngakho ngabakhuthaza ukuba baziqhenye ngesiko labo.”
UThishomkhulu u-Octavius Colquhoun uchaze ukuvakasha kukaMhlophe njengesinye njengengqophamlando engasoze yalibaleka esikoleni.
“Uyisibonelo esiphilayo sokwenza umsebenzi ngekhono lokuxoxa izindaba. Kuningi abafundi bethu abazofunda ngakho, ukuvakasha kwakhe kuzobakhuthaza ukuthi bafunde kabanzi ngamasiko abo,” kusho uthishanhloko.
Abafundi bacela uMhlophe ukuthi aphinde abavakashele ngoba bebejabulele ukulalela izindaba zakhe.
Osesithombeni esingenhla: UDkt Gcina Mhlophe, umbhali, umlingisi, kanye nomxoxi wezindaba, uvakashele abafundi besikole samabanga aphansi Ithemba Labantu.
Umthombo: Buziwe Nocuze