Iqembu le-ANC lisebenza nabasebenzi abambalwa kunabasebenzi abajwayelekile lapho okuhlala khona oNdunankulu eLuthuli House, eGoli ngemuva kokuthi ilungu labasebenzi lihlolwe igciwane, kwatholakala ukuthi line-Covid-19.
Ihhovisi eliphakeme le-ANC eGoli, lisendaweni la igciwane le-covid-19 lidlange khona. Bangaphezu kwezinkulungwane ezingama-63 000 esifundazweni abantu okuqinisekisiwe ukuthi bane-Covid-19; abayi-18 500 bathole ukululama kwathi abanye abangama-353 e-Gauteng bashonile. I-Gauteng ibe nesibalo esiphezulu sokwanda kwabantu abahaqwe yigciwane emhlabeni jikelele emasontweni amabili edlule.
Ngalesi sikhathi, umgcinimafa we-ANC uPaul Mashatile uqhinqe yedwa.
UMashatile osanda kungcwaba umama wakhe, njengamanje useshonelwe nawunkosikazi wakhe ngenxa yokugula isikhathi eside.
Okhulumela i-ANC uPule Mabe uthe umndeni wakwaMashatile ucele ukuba wodwa ngalesi sikhathi.
“Ukulahlekelwa ngumzali akulula. Ukulahlekelwa ngumlingani kunzima kakhulu. Kufana nobuhlungu obuphindiwe. Umgcinimafa uqhinqe yedwa ngemuva kokuthi omunye wabasebenzi bakhe etholakale enegciwane.”