Izindaba ezimnandi nge-Covid ukuthi izingane kungenzeka zingabi abathwali abakhulu baleli gciwane.
Ucwaningo lwamanje lukhombisa ukuthi izingane ezincane azedluliseli igciwane kwabanye ngesibalo esikhulu.
Izitadi emazweni lapho izingane ezincane sezibuyele khona eskoleni zikhombisa ukuthi akukho ukundlondlobala ngokuthelelana ngegciwane noma abantu abadala bekhona eduze kwezingane emakhaya.
Lezi izindaba ezimnandi ezikoleni zezingane ezincane.
“Isayensi ayikakakuqinisekisi lokhu kodwa kulokhu kuvela amacebo okuthi kungenzeka kuphephe ukuvulwa kwezikole. Kunobufakazi obukhulayo bokuthi izingane azisibo abadlulisi abakhulu begciwane belidlulisela kubazali,” uDonald McNeil Jnr, obika ngesayensi kwi-New York Times, utshele i-The Daily podcast.
Kanti iphephabhuku elisemthethweni le-American Academy of Paediatrics elashicilelwa ngoNtulikazi lithi: “makwenzela kubekho ukuthelelana nge-COVID-19 kanye nezingane: ingane akumele isolwe”. Isho ukuthi kunobufakazi obukhulayo “bokuthi izingane ikakhulukazi lezi eziseminyakeni yokuya eskoleni, aziledlulisi igciwane ukudlula abantu abadala”.
Lokhu akusho ukuthi abukho ubungozi – njengoba amacala okuqala okuthelelana ngegciwane eNingizimu Afrika abandakanye izingane ezine ezineminyaka engaphansi kwemihlanu ubudala. Kanti futhi nezingane ezithe ukukhula kancane nazo zisengozini njengezingane ezingama-200 zase-Makaula Senior Secondary e-Eastern Cape ezahlolwa zatholakala zinegciwane.