Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
Kutakulwe izingane ezihlala esontweni elingazivumeli ukuba ziyesikoleni kanye nokuthatha imishanguzo yegciwane lesandulela ngculazi.
Lezi zingane zilandwe uMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi ngesonto eledlule ukuze zibuyiselwe ezikoleni.
Kuzokhumbuleka ukuthi leli bandla elibizwa ngokuthi kuseKhaya Labafundi bakaJehova kwaMaphumulo, liphilisa amakholwa impilo abayichaza ngokuthi ayisahlangani nezinto zasezweni kodwa sebephila impilo yasezulwini.
Okhulumela uMnyango uMnuz Thuba Vilane uthe njengoba kulandwe lezi zingane kunezinye izinhlelo zokungenelela ezihlanganisa uMnyango kanye neKhomishana evikela Amasiko, uLimi neNkolo eholwa uNkk Thoko Mkhwanazi-Xaluva.
“Ngolwesine uNgqongqoshe walo Mnyango uNkk Mbali Shinga kanye noSihlalo weCRL uNkk Thoko Mkhwanazi-Xaluva bazohambela leli bandla ukuze bakwazi ukuxoxisana nabaholi balo,,” kusho uVilane.
Kwenzeka lokhu nje uyaveva uNgqongqoshe wezeMpilo KwaZulu-Natal ngokuthi amakholwa ashiya phansi imishanguzo yesandulela ngculazi ukuze athembele kuJesu.
UNkk Nomagugu Simelane-Mngadi uzwakalise intukuthelo yakhe ehambele inkonzo yePhasika yase-UCCSA eMzinyathi, eNanda nalapho ebikele khona amakholwa nabefundisi ngesimanga sebandla elishumayela leli vangeli lokuba kuyekwe imithi yasezibhedlela.
Leli bandla elibizwa ngokuthi kuseKhaya Labafundi bakaJehova lisungulwe uMnuz Vusumimuzi Sibiya kanti linamakholwa angaphezulu kuka-50 aseyeke imisebenzi,alaxaza amakhaya nezinkampani zawo nemindeni nezikole ngoba esezophiliswa ngokukamoya ongcwele kwaSibiya.
“Asisho ukuthi amabandla awaziphathe kanjani kodwa kuyingozi uma ibandla selitshela amakholwa ukuba ayeke imishanguzo . Lokho kusho ukuthi usubeka izimpilo zabantu engcipheni uma usubavala ukuba bathathe imithi ezibhedlela. Nakuba ngokwethu kuseyizinsolo lezi esisazibona kwabezindaba kodwa uma kuyiqiniso kubi kakhulu ngoba awukwazi ukuphikisa imithi egunyazwe ngososayensi ukuthi iyaphilisa bese uthi abayiyeke bathembe ivangeli,,” kusho uNkk Simelane-Mngadi.
Leli bandla elishaqise abaningi linabazalwane asebethi abasazihlanganisi nokwasemhlabeni ngakho sebephila impilo yasezulwini..abanye balaxaze ngisho izinkampani zabo ebezibafakela imali, abanye bashiya izifundo zabo emaNyuvesi, abanye balaxaza nemindeni yabo.
Bonke laba bantu bahlala kwaSibiya kanti baziphilisa ngokudla abakulimayo emasimini akwaSibiya.
UMkhwanazi-Xaluva uthe ingozi enkulu lena eyenzeka kwaMaphumulo neyenza baqinise umkhankaso wabo wokuba kube nomkhandlu kaHulumeni ozolawula amabandla njengoba kwenzeka emikhakheni efana nodokotela nabaMmeli.
USibiya yena uthi uthunywe izwi likaNkunkunkulu ukuba adlulise umyalezo wakhe kubantu ngendlela yokuphila yaseZulwini engenasono.
Uthi noma abantu bangasho wonke amagama kodwa bona abagudluki kwabakholelwa kukho ngoba noJesu wayethukwa ngenxa yenkolo.
